
Usethole ikhaya kwiStellies obeqiwa yijezi kwi-Orlando Pirates
I-Orlando Pirates isikuqinisekisile ngokusemthethweni ukuthi umgadli uTshegofatso Mabasa usezodlala kwiStellenbosch FC kuz kuphele isizini.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala uzithole esekhuhla ibhentshi – kokunye angangeni kwakhona – ngaphansi kuka-Abdeslam Ouaddou kwiPirates.
Ukuthuthela kwakhe kwiStellies kukholakala ukuthi kungoba efuna ukudlala njalo ngaphansi komqeqeshi ongumakadebona uGavin Hunt.
Lesi sinyathelo sithathwa njengesizoqinisa kakhulu iStellenbosch engagculisi kahle kule sizini.
“I-Orlando Pirates ingaqinisekisa umnyakazo womgadli uTshegofatso Mabasa oya kwiStellenbosch FC,” sifundeka kanje isitatimende seqembu.
“Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala uthuthela kwiStellies ngokubolekiswa kuze kuphele le sizini.”
UMabasa kubikwa ukuthi usezinyangeni eziyisithupha zokugcina zenkontileka yakhe kwi-Orlando Pirates.
Ungumdlali wesine ukushiya amaBhakabhaka kuleli windi lamaphakathi nesizini lokuhwebelana ngabadlali.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zidayise uSinoxolo Kwayiba kwiChippa United, uMbekezeli Mbookazi kwiChicago Fire noMonnapule Saleng kwiMamelodi Sundowns.
Nokho leli qembu lisayinise abadlali abathathu abazovala izikhala nokuqinisa iqembu njengoba sekubhekwe emzuliswaneni wokugcina wesizini.
Ilande u-Andre de Jong kwiStellies, uDaniel Msendami noMpho Chabatsane beMarumo Gallants.
FUNDA NALA | Owe-Orbit ubheke ukuqala eyokuvika izembe ngeDowns
I-Orlando Pirates – esivele inqobe izindebe ezimbili kule sizini – njengamanje iqhwakele kwilogi yeBetway Premiership.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
