Betway PremEzintsha

Owe-Orbit ubheke ukuphoxa iDowns, aqale owokuvika izembe

Leli qembu laseNorth West lisaqoqe amaphuzu angu-13 futhi ihlezi endaweni ka-13 emidlalweni engu-14 yokuqala yale sizini. 

Liqhele ngamaphuzu amane kuphela kwiChippa United esemsileni kwilogi yeBetway Premiership. 

I-Orbit izoqala ngomdlalo onzima njengoba izogadulisana neMamelodi Sundowns ebheke ukugxuma ibuyele eqhulwini kwilogi. 

ISundowns isele ngamaphuzu amabili kwi-Orlando Pirates kanti uma inqoba izobe seyibuyela phezulu.

Nokho umqeqeshi we-Orbit uPogiso Makhoye ukholwa wukuthi bengakwazi ukuba yiqembu lokuqala kulo nyaka ukuphoxa iSundowns ebophele izihlabani kuzo zonke izindawo. 

“Ngicabanga ukuthi kuzoba nzima ngoba sibaningi esilwela ukuvika izembe,” kusho uMakhoye ngomzuliswano wesibili wesizini.

“Abadlali sebewulungele umdlalo. Besisebenza kanzima ejimini kulezi zinsuku ezimbalwa ezidlule silungiselela umdlalo weSundowns.”

Unxuse abalandeli ukuthi baphume ngobuningi ukuze basize ukufaka abadlali isibindi kulo mqansa ongakhwelwa mbongolo ababhekene nawo.

“Abalandeli abaqhubeke baseseke, sesithembele kumandla abo. Kumele bafike ngoMsombuluko bazofaka abafana amandla.

“Uma sizwa amazwi abo, sivele sibe nokholo lokuthi singenza noma yini. Yingakho sizobadinga ngoMsombuluko uma sesibhekene neSundowns.”

Ukhulume nangokumenza abe nethemba ngekusasa laleli qembu lakhe, wathi ufunda izinto ezintsha njalo.

“Into engifaka umdlandla yisifiso sokufunda ukuze ngibe ngcono usuku nosuku,” kuchaza uMakhoye. 

“Kumele ngakusasa ngibe umuntu ongcono kunebenginguye ngayizolo. Yingakho ngihlezi ngifuna ukuziphucula.

“Ngihlezi ngifunda ukuze ngikwazi ukuziphucula mina uqobo, indlela esidlala ngayo nabadlali ngokunjalo.” 

Lo mdlalo wokuqala wonyaka kwiBetway Premiership useLoftus Stadium kanti kulindeleke ukuba uqale ngo-7.30 ebusuku.