
Ukhale nge-PSL uRamovic iStellies sivulela induku
- Sibongiseni Gumbi
Usole iPremier Soccer League (PSL) umqeqeshi weTS Galaxy ezakhe ziwashiswa ijezi ekuseni kwiMTN8 yiStellenbosch FC.
IGalaxy ikhale ngaphansi ngo 3-1 emdlalweni womzuliswano wokuqala weMTN8 eDanie Craven Stadium ngeSonto ntambama.
Kodwa uRamovis usale engagculisekile ngendlela abahlulwe ngayo, kodwa akasoli onompempe usola iPSL ngalokhu.
Lo mqeqeshi ozikhulumelayo uthe akaqondi kungani i-PSL ivumele lo mdlalo udlalwe kule nkundla odlalelwe kuyo.
“Kade ngikhuluma nomphathi wami nje ngenkundla, ngimbuza ukuthi i-PSL ivume kanjani kudlalelwe kue nkundla,” kusho uRamovic ngemuva komdlalo.
“Banyusa imali yeMTN8 (isuka kuR8-million yaya ku-R10-million), kodwa kumele baqale ngenkundla.
‘Singadlala kanjani otshanini obunje – kungaphuka ngisho umlenze wenkomo lapha.
“Ngiphoxekile ukuba yingxenye yeMTN8 uma sidlala enkundleni enjena.
“Kuyichilo ukudlala enkundleni enje, ngeke uphase lapha yingakho abalandeli bengezi bazobukelani uma kunjena,” kusho uRamovic
“Yini elandelayo, ukudlala kwi-swimming pool? Sizoba nethuba (kwi-Betway Premiership uma sidlala ne-Richards Bay) uma singadlali kwi-swimming pool.”
OLUNYE UDABA: UNduli ubonge uMdali esiza iStellies kwiMTN8
Uthe bebezimisele ukuya kude kulo mqhudelwano kwazise imali yawo beyizolinceda kakhulu iqembu.
