EzintshaOrlando Pirates

UJose Riveiro uphawula ngamahlebezi okufuna abePirates

Lo somaqhinga waseSpain uthi okwamanje akekho yena umdlali asamcele kwi-Al Ahly ukuthi alandelwe yena.

UJose Riveiro, osanda kwethulwa njengomqeqeshi omusha we-Al Ahly, ulungiselela iqembu lakhe ukuyodlala kwiFIFA Club World Cup. 

Umdlalo wakhe wokuqala ephethe kuzoba ngosezingeni eliphezulu bebhekene nwPachuca ngeSonto. 

INgemuva kwalokho, iAl Ahly izobe isibhekana ne-Inter Miami ngoJuni 15 emdlalweni wokuvula umqhudelwano eHard Rock Stadium eMiami.

Yize egxile emsebenzini wakhe njengamanje, ukuqagela ngabadlali angase abafune kwiPirates kuqinile. 

Imibiko iveze ukuthi uJose Riveiro ubefuna umdlali wasemuva osemncane uMbekezeli Mbokazi.

NoMonnapule Saleng naye sekunesikhathi eside emataniswa nokufudukela eCairo.

Nokho uRiveiro usekuchithile lokho, wawaphika amahlebezi, wathi ngeke abathathe abadlali bePirates.

“Angikakuceli ukutholelwa nanoma yimuphi umdlali we-Orlando Pirates kwi-Al Ahly ngenxa yokuyihlonipha.

“Ngiyayihlonipha i-Orlando Pirates,” kusho lo mqeqeshi waseSpain kwi-Al Ahly TV. 

Ugcizelele ukuthi yena njengamanje ugxile ekulungiseleleni iClub World Cup, hhayi kubadlali abasha.

“Okwamanje, angifuni ukuphuthuma ekufuneni abadlali abasha,” kwengeza yena.

“Ngigxile ekulungiseleleni iClub World Cup. Ngemva kwalokho, sizonquma ukuthi kukuph lapho sidinga ukuqinisa khona.”

I-Al Ahly isivele ithole abadlali abahlanu abasayinisiwe ngaphambi kokufika kukaRiveiro. 

Laba ngo-Ahmed Sayed Zizo, uMahmoud Trezeguet, uMohamed Ali Ben Romdhane, uHamdi Fathy, noMohamed Seha. 

Umdlali wasesiswini u-Aliou Dieng naye ubuyile ngemuva kokubolekiswa kwakhe kwi-Al-Kholood yaseSaudi Arabia.

Ngokusobala, leli qembu liyasiqinisa isikwati salo. Kodwa okwamanje, uRiveiro akaphendukeli eNingizimu Afrika ukuze athole abanye abadlali.

Isitatimende sakhe singase sipholise amahlebezi – okwamanje. Kodwa kusangenzeka abuye ezocinga azoqinisa ngabo kuleli. 

Okwamanje, amehlo kaJose Riveiro ahlezi kwiClub World Cup, engase imakhele ugazi uma i-Al Ahly yenze kahle kulo mqhudelwano.