
IKaizer Chiefs isimemezele owesithathu okhonjwe indlela
IKaizer Chiefs isiqinisekise umdlali wesithathu ongeke abe yingxenye yeqembu layo ukuya phambili – lowo ngumgadli oyisidlakela uRanga Chivaviro.
Leli qembu elizinze eNaturena, eSoweto bese livele limemezele ukuthi uNjabulo Blom uzobuyela eqenjini lakhe iSt. Louis SC yase-US.
UBlom, owavundululwa futhi wakhuliswa yinkulisa yeKaizer Chiefs, ubebuyele kuyo ngokubolekiswa kwesizini eyodwa.
Nokho akabanga nesizini emnangalisayo esebuya isibili kwiChiefs, kanti kuthe uma isongwa, Amakhosi abonga athi akabuyele ekhaya lakhe elisha.
Umdlali wasesiswini othembisayo uSabelo Radebe naye udedeliwe yilezi zinkunzi zebhola lakuleli.
URadebe ubekade esanda kubuyela kwiKaizer Chiefs esuka kwiRichards Bay FC abebolekiswe kuyo kule sizini.
Nokho izinto azimhambelanga kahle KwaZulu-Natal, futhi ubuyiselwe emuva kungakapheli nemidlalo ngoba kubonakala kungekho angasiza ngakho.
NgoLwesithathu ntambama Amakhosi amemezele ukuthi uChivaviro naye ngeke aqhubeke neqembu lawo.
“IKaizer Chiefs ngeke iyelule inkontileka yomgadli uRanga Chivaviro uma iphela ekupheleni kwenyanga,” kusho iChiefs esitatimendeni.
“Lo mgadli owazalelwa eLimpopo ujoyine Amakhosi esuka kwiMarumo Gallants ngesizini ka-2023/24 ngenkontileka yeminyaka emibili.
“Ushaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-45 esemthethweni egqoke imibala yeChiefs kumasizini amabili.
“Siyambonga uRanga ngeqhaza lakhe elihle eqenjini futhi simfisela konke okuhle emisebenzini yakhe yesikhathi esizayo.”
Kukhona nabadlali ababili beqembu lenkulisa yeChiefs asebejoyine iTS Galaxy ngemuva kokuncipha kwamathuba abo okukhushulelwa eqenjini elikhulu.
Kusalindeleke ukuthi iqhubeke nokuchitha abanye abadlali njengoba kukholakala ukuthi ivula isikhala sabadlali abasha abazosayinwa.
