EzintshaKaizer Chiefs

UKaze ucacisa eyokujikiswa abalandeli benza ushintsho

Lokhu kwenzeke emdlalweni weBetway Premiership la iChiefs iqoqe khona amaphuzu amathathu ngokushaya iGolden Arrows.

Lo mdlalo bewuseFNB Stadium, eGoli ngoLwesibili ebusuku kanti lesi sigameko esingandile senzeke maphakathi nesiwombe sesibili.

Abaqeqeshi oCedric Kaze noKhalil Ben Youssef bebenza uguquko kanti ibhodi libhale ukuthi bakhipha uSiphesihle Ndlovu.

Lo mdlali nguye obekade eyinsika yeqembu njengoba ebelidova kamnandi esiswini futhi ehlanganisa kahle iminyakazo. 

Kuthe uma abalandeli bebona kuphakama ibhodi elinenombolo yakhe, naye esehamba eyophuma, bahhahhama. 

Kulapho ke kube sekujikwa, wakhonjiswa ukuthi akabuyele emuva ayoqhubeka nokudlala.

Ngokuhamba kwesikhathi babe sebetomula uLebohang Maboe obedlala noNdlovu esiswini kulo mdlalo.

Ebuzwa ngalesi sigameko, nokuthi ngabe balalele abalandeli ngampela yini, uKaze ukuchithile lokhu yize ebengingiza kungathi akaqinisekile ngakushoyo.

“Empeleni kube yiphutha lalabantu abebebhala abazoshintshwa,” kuchaza uKaze ngalesi sigameko esimangaze abaningi.

“Babhale igama likaMaboe kowa inombolo kwaba ekaNdlovu okuyikho futhi lokho kudale ukudideka.

“Kube yigama elifanele ephepheni, kodwa ebhodini kwaba ngenye inombolo… Inhloso yethu bekuvele kuwukukhipha uMaboe.”

UNdlovu nguye ogcine eqokwe njengomdlali obevelele kulo mdlalo kwazise udlale ibhola elinenkosi phakathi. 

IChiefs ibuyele embangweni wesicoco seligi njengoba inyukele endaweni yesithathu ngemuva kwalo mphumela. Seyinamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-14.