
Ingqapheli ihlonza amakhongco abuthaka kwiKaizer Chiefs
Enye yezingqapheli zebhola ezihlonishwayo ebholeni lakuleli isiwukhombe kubadlali umsuka womhlolo owenzeka owenzeka kwi-Kaizer Chiefs.
Le ngqapheli, engumqeqeshi oseke wasebenza emaqenjini ehlukene ezigabeni zonke zePSL, ithi isimo se-Kaizer Chiefs sizodinga isibindi ukuze silungiseke.
Izinto azihambi neze kahle kuleli qembu laseNaturena nakule sizini futhi uma kungajiki lutho maduze, lingazithola liphinde liqeda ngaphandle kweTop 8.
Lokhu sekungaba yihlazo eliphindiwe ke njengoba kwenzekile nangesizini edlule, okwenza kwaba nezinguquko ezinqala ezenziwayo.
Nokho umthelela walezo zinguquko awukabonakali okwamanje njengoba isimo seqembu singakagculisi nje.
ILisenethini ithinte le ngqapheli ngoba ifuna ukuzwa uvo lomuntu oseke wasebenza emaqenjini amakhulu ukuzwa ukuthi ngabe yikuphi la kushoda khona kuMakhosi.
Ithe abanye babadlali beChiefs bangabalandeli nje bebhola, umehluko wukuthi bona banenhlanhla yokulibukela eduze ngokuthi babe phakathi enkundleni.
“Mina sengehlulekile (ukubuka i-Kaizer Chiefs),” isho kanje ngemuva komdlalo wangempelasonto la iChiefs ishaywe khona yiGolden Arrows.
“Mina lo impela ngibuke oMiguel (Imacio), Nyambose (Sibongiseni Mthethwa), no(Ashley) Du Preez kodwa ngibe ngithi ngibuka iChiefs?
“Sengingamane ngilithethe ligcwele. Phela amalungu omphakathi angaxutshwe nalutho lawo,” kusho le ngqapheli.
Beyiqale yavuma ukuba silisebenzise igama layo, kodwa yabuye yacela ukuthi siligodle ngoba ibuye isebenze nawo lamaqembu.
Ithe yenqena ukuthi ngeke kusasebenzeka kahle uma kwenzeka ihlangana nalaba badllali kwelinye lamaqembu ngokuzayo.
Njengoba isimo se-Kaizer Chiefs singesihle nje, imibono yehlukene kubalandeli njengoba abanye beyikhomba kubadlali, abanye benuka umqeqeshi uNasreddine Nabi.
Nayo ingqapheli yethu le ivumile ukuthi kungenzeka uNabi akanawo amava aphelele ukuvusa iChiefs, kodwa yathi nabadlali abekho ezingeni elifanele.
