EzintshaKaizer Chiefs

UJosta Dladla uhlambuluka ‘ngonya’ lwenkakha kwiChiefs

Ngaleso sikhathi u-Josta Dladla wayengomunye wezihlabani zeKaizer Chiefs, ayeyiyijoyine esuka kwiMamelodi Sundowns.

Ukushiya kwakhe kwashayelwa phansi, akekho phakathi kwakhe nekilabhu owakhipha isitatimende ngokuhamba kwakhe.

Futhi manje, ngemva kweminyaka, usephumele obala waveza okwenzeka, kwaphoqa ukuthi ashiye leli qembu laseNaturena. 

Ekhuluma kwiGeorge Mokoena Show, okuwuhlelo lwePodcast yeYouTube, u-Josta Dladla uchaze kunenkakha eyaba nesandla kulokho.

Le nkakha yayiyiphini lomqeqeshi futhi inomthelela omkhulu eqenjini ngaleso sikhathi. 

“Mina angizange ngisho ukuthi sengiqedile ngokudlala. Kunothile owanginqumela,” kusho uDladla owaqala ibhola elikhokhelayo kwiWits University. 

“Omunye nje umuntu owayenzondo embi owanginqumela. Futhi lokho kuyishwa. Ngangisanga dlala kwiChiefs eminye iminyaka emine. 

“Angishongo ukuthi sengiqedile. Kodwa ngahlala ebhentshini unyaka wonke ngoba kunomuntu 0wayezicabangela yena, ezibona ebalulekile ngaphezu kweqembu. 

“Bengingayenzela okuningi iChiefs ngaleso sikhathi, kodwa kukhona owayefuna ukwenza isibonelo ngami ukuthi ‘ngeke udlale uma mina ngingafuni’.” 

UJosta Dladla nokho uqaphelile, noma mhlawumbe ube nenhlonipho ngokwanele ukuthi angalidaluli igama lale nkakha eyaba ‘nenzondo’ ngaye. 

“Kwadingeka ngikwamukele okwenzeka kimi, futhi angikaze ngiphumele ezinkundleni zokuxhumana noma kwabezindaba ngithi ulokhuza wangilimaza.

“Kodwa kukhona umuntu owacekela phansi umsebenzi wami,” kwengeza uDladla oseneminyaka engu-45 ubudala. 

“Ngeshwa ngangingakwazi ukuzifaka eqenjini eliqala imidlalo, futhi yena nguye owayenamandla eqenjini. 

“Ngangingathanda ukufana noTeko Modise, noJimmy Tau abakumemezela kahle ukuyeka kwabo. 

“Kimina kwaba yile nkakha eyaqinisekisa ukuthi iyaqeda ngoJosta ngenxa yokuzazisa kwayo.” 

UDladla uthe wayekujabulele ukuthi uzosebenza nale nkakha yekilabhu, kodwa kwavele kwaba yisikhathi esibi kunazo zonke kuye.

“Kubalulekile ukuthi kube nezingwazi ezisiqondisayo kodwa ngebhadi mina ngaqondana neyangicekela phansi, owayengafuni nokungibona kwiChiefs. 

“Akakwenza kwanqabela abalandeli ukuthi babone uJosta esebenzela iChiefs iminyaka eyengeziwe… 

“Noma enikezela okwengeziwe ngezinsuku zokugcina emsebenzini wakhe. Kodwa ke kwaba njalo nje. 

“Kodwa ke angikho muncu ngalokho, futhi angisoze ngalisho igama lakhe. 

“Kuphela nje ngethemba ukuthi ujabule lapho ekhona kodwa yimina owaba nebhadi wathola umuntu omubi.”