
UWilliams usongela iPirates edle ‘icala’
URonwen Williams usekhiphe isexwayiso esinamandla ezimbangini zabo kwiBetway Premiership – ikakhulukazi i-Orlando Pirates – ethi bazobuya “sebelambe kakhulu” ngesizini ezayo.
AMasandawana aphucwe isicoco seligi okokuqala eminyakeni eyisishiyagalolunye.
Kube yiPirates eba ngompetha ngosuku lokugcina lwesizini.
Kodwa iSundowns ayibuzwanga kangako ubuhlungu njengoba nayo igcine ithole isicoco sayo sesibili seCaf Champions League.
Kodwa ke u-Ronwen Williams uvumile ukuthi kube buhlungu ukubuka i-Orlando Pirates ithatha isicoco ngesikhathi bona beseseMorocco belungiselela owamanqamu weChampions League.
“Kusiphoxile lokho, kodwa sasheshe sashintsha umqondo ngoba besazi ukuthi kunomsebenzi omkhulu osilindile,” kusho lo nozinti.
Uncome abadlali bakhe ngokuthi ngokuba nomqondo oqinile, ethi bakwazile ukukholwa ubuhlungu bokulahleka kweligi, bagxile emdlalweni wabo.
Kodwa amazwi akhe ashubile afike ekugcineni lapho eshwabulela i-Orlando Pirates.
U-Ronwen Williams uthe iSundowns izobuya ngolaka olukhulu ngesizini ezayo.
Uthe bazobe bebhidliza kwasani ephambi kwabo ngoba bahlose ukuqopha irekhodi lamaphuzu angu-90 kwiligi.
Lokho kungenzeka kuphela ngokuthi banqobe yonke imidlalo yabo yeligi engu-30.
