Ezintsha

UJose Riveiro ugonyuluka ngokuhehele i-Al Ahly kuye

Uthi ukudlala kahle kweBucs kwiCaf Champions League kube yisisekelo esenze i-Al Ahly imfune uthuli.  

UJose Riveiro, ohlale iminyaka emithathu kwiPirates, usayine inkontileka yeminyaka emibili neqembu laseGibhithe. 

Uthathe indawo kaMarcel Koller futhi uzohola labo mpetha base-Afrika bamahlandla angu-12 kwiFifa Club World Cup ka-2025.  

Ekhuluma kwi-Al Ahly TV, lo mqeqeshi waseSpain uthe impumelelo yakhe nePirates imakhele igama elihle kuleli qembu laseGibhithe.  

“Ngicabanga ukuthi imiphumela ye-Orlando Pirates yenze i-Al Ahly yangilandela,” kusho uRiveiro. 

“Ngiqale ukulandela i-Al Ahly muva nje. Sakhishwa esigabeni seyandulela owamanqamu. 

“Ngemuva kwalokho, i-Al Ahly yashintsha ithimba labaqeqeshi, futhi izingxoxo zami nayo zashesha kakhulu.”  

UJose Riveiro wafika kwiPirates ngo-2022 engaziwa neze ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Kumasizini amathathu, uguqule iPirates yaba ngabanqobi bemiqhudelwano futhi yaba yiqembu elikwazi ukumelana nezingqungqulu zase-Afrika.  

Uhole iPirates ekutholeni izicoco ezinhlanu zasekhaya nokufinyelela kweyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League. 

Idumela lakhe likhule kakhulu ngemuva kokudlala kahle ebhekene namaqembu amakhulu ase-Afrika — okuhlanganisa nemidlalo emibili enzima ne-Al Ahly uqobo.  

“Ukuqeqesha i-Orlando Pirates kungikhulise kakhulu,” kwengeza uRiveiro. 

“KwiPirates, angizange ngibe nje umqeqeshi. Ngisebenze ekwakheni iqembu elisha ngabadlali abasebancane. 

“Kungakapheli iminyaka emithathu, saphumelela ekuliqiniseni nokulikhulisa leli qembu.”  

Uphinde wakhuluma ngokuthi iCaf Champions League imenze kanjani waziwa ezwenikazi lonkana.  

“Sihambe ibanga elide kwiChampions League. Izwekazi laze ngamakhono ami ngesikhathi salo mqhudelwano.”  

URiveiro wake wasebenza esikhungweni seCelta Vigo eSpain futhi wathola ulwazi lwamaqembu amakhulu eFinland. 

Kodwa kuseNingizimu Afrika lapho ezakhele khona igama, nosebenzi wakhe waqhakaza kakhulu.  

Manje, uthatha umsebenzi omkhulu kunayo yonke ebholeni lase-Afrika — enethemba lokuletha impumelelo kulezi zinkunzi.  

Ukuhlolwa kwakhe kokuqala kuza maduze, njengoba i-Al Ahly ilungiselela ukudlala nePachuca emdlalweni wokulungiselela iClub World Cup.

Lo mdlalo uzoba ngeSonto, kanti ukusuka lapho izobe seyibhekana ne-Inter Miami emdlalweni wokuvula iClub World Cup ngo-15 Juni.