
Lihamba kancane iphupho likaSandile Zungu ngaMaZulu
Elinye lamaphupho kaSandile Zungu nekilabhu engenye yamadala ebholeni lakuleli, AmaZulu FC, wukubona leli qembu ligcwele abadlali abadabuka KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvele ngesikhathi ethula uhlelo lwakhe lweVision 2032, athi uhlose ngalo ukuvula amathuba kubadlali besifundazwe.
Wabe eseqasha abaqeqeshi abazosebenza ezigabeni zenkulisa yeqembu ngethemba lokuthi basize ukuhlonza nokukhulisa ithalente lakulesi sifundazwe.
AmaZulu azogubha iminyaka eyikhulu ngo-2032, kanti uSandile Zungu wathi ufisa ukuthi ngaleso sikhathi iqembu libe nabadlali abaningi abadabuka eKZN.
Wathi ufuna kube ngabadlali elizikhulisele lona, futhi abazigqajayo ngokudlala kuMaZulu.
Kusele iminyaka eyisikhombisa ukuthi Usuthu luhlanganise ikhulu leminyaka lwasungula.
Sisekhona isikhathi sokuthi iphupho likaZungu lifezeke, kodwa iqembu lamanje libukeka likude kakhulu ekuboniseni leli phupho noma isifiso.
Emdlalweni wakamuva waMaZulu, la ebambane khona ngo 1-1 nePolokwane City eKing Zwelithini Stadium, bebe bathathu kuphela abadlali abadabuka esifundazweni.
Bekukhona uSandile Mthethwa, uThembela Sikhakhane noBayanda Thabede kuphela okuyibo abadabuka eKZN kulo mdlalo.
Sebebonke, bayisishiyagalombili kuphela abadlali baseKZN esikwatini samanje saMaZulu esinabadlali abangu-30.
UZungu ulande abaqeqeshi okukhona kubo uMbulelo Mabizela, u-Andile Cele noReneilwe Letsolonyane phakathi kwabanye ukusiza ezinhlakelo zokuthuthukiswa kwamakhono.
ULetsholonyane kukholakala ukuthi usahiya njengoba esesebenza kwiSafa. Kanti isimo sikaMabiza asicaci njengoba ebesavukelwe yizinkinga zakhe zakudala.
UCele kuphela osasebenza futhi osebenza neqembu leDStv Diski Challenge lale kilabhu ezinze eThekwini.
Kubukeka AmaZulu nabaphathi basebenze kanzima kule minyaka embalwa ezayo uma iphupho likaSandile Zungu lizofezeka.
