
Nabi: Abadlali bayiphile iPirates le wini namuhla!
IKaizer Chiefs iphinde yakhala ngaphansi ibhekene ne-Orlando Pirates kanti umqeqeshi uNasreddine Nabi uwubhekise kubadlali bakhe umunwe.
I-Orlando Pirates ibuye kade seyilandela ngemuva yagcina inqobe ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership obuseFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
UGlody Lilepo ubeke Amakhosi phambili ngomzuzu wesibili umdlalo uqalile, futhi umfutho wabuyela ngakuwo.
Awatholile amanye amathuba, yize lingekho ebeliwuqekelele, kodwa yehluleka ukuwasebenzisa.
U-Evidence Makgopa ubuyisele iPirates emdlalweni ngomzuzu ka-24, kwathi uRelebohile Mofokeng waqedela umsebenzi ngoka-69.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNasreddine Nabi ukhale ngamaphutha afanayo, waphika ukuthi inkinga yisimo sengqondo kubadlali bakhe.
“Sisheshe salishaya igoli, futi ngibone sinethuba lokuqhubeka nokwakha amanye amathuba ukuze sishaye amanye amagoli.
“Kodwa asikwenzanga lokho. Sibe sesidedela igoli ngendlela engacacile. Asiikwazanga ukuqeda ngomdlalo ngesikhathi usivuna.
“Ngemuva kwalokho umdlalo ube sewuya ngakubo, futhi bakwazi ukuwasebenzisa amathuba abo,” kuchaza uNabi.
Ube esebuzwa ukuthi nangempelasonto edlule iqembu lakhe lihambe phambili, kodwa lakhaveka.
Ngabe lokhu kungenxa yesimo sengqondo kubadlali, futhi ngabe kuyalungiseka?
“Angicabangi ukuthi yinto ehambisana nesimo sengqondo. Kulowa mdlalo (weGallants) sancishwa iphenathi esobala.
“Ukuba sayibekelwa leyo phenathi umphemela wawungeke ube njeyana,” kuqhuba uNabi.
“Kwaba amaphutha omdlali ngamunye asilimaza futhi nanamuhla ngibona sengathi sibaphile nje le wini.”
UNabi kuzomele aqhamuke namanye amacebo okuzama ukugingqa iPirates njengoba lamaqembu ezophinde atholane phezulu ngempelasonto ezayo.
Kulokhu kuzobe kuwumdlalo wamanqamu weNedbank Cup ozoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini.
