EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs iqinisekisa abathathu, kuvela nezintsha ngoLorch

Okhulumela iKaizer Chiefs, uVina Maphosa, akawavumanga futhi akawaphikanga amahlebezi okuthi leli qembu lifuna uThembinkosi Lorch.

Kuvele imibiko ngeSonto ethi iChiefs neMamelodi Sundowns basezingxoxweni esezisezingeni eliphezulu ngoLorch. 

Lezi zindaba, ezibikwe okokuqala yiSunday World, ziveze ukuthi Amakhosi afuna ukusayinisa lesi sihlabani esashiya i-Orlando Pirates kungazelelwe ngoJanuwari nyakenye.

Ebuzwa ngalolu daba uMaphosa uvele wacasha ngesithupha, wangaphika kodwa futhi akangavuma. 

“Ngeshwa, ngeke ngikwazi ukuphawula ngalokho,” kusho uMaphosa ebuzwa ngalezi zindaba  zakamuva. 

“Senza izimemezelo kuphela futhi asiphawuli ngamahlebezi noma ngezingxoxo esinazo ngabanye abadlali.

“Ngakho-ke, senza izimemezelo kuphela uma sesiqedile ukusayina umdlali. 

“Angikwazi ukwamukela noma ukuphika into engingayitholanga ehhovisi.”

Ngaphandle kukaLorch, iChiefs isimemezele ukuthi isifinyelele esivumelwaneni noThabo Cele. 

Lo mdlali wasesiswini onekhono ukhululwe yiqembu lakhe laseRussia ngaphansi kombandela wokuthi abuyele eNingizimu Afrika. 

UCele, usayine iminyaka emithathu nengxenye kuMakhosi. Iphinde yaqinisekisa nokusayinwa kukaTashreeq Morris. 

Omunye umdlali ommusha eNaturena nguGlody Makabi Lilepo ongumgadli odabuka eCongo.