EzintshaOrlando Pirates

Kucaciswa eka-Aziz Ki ‘ofunwa uthuli’ yiPirates

Kukholakala ukuthi iPirates ibolekise uGilberto kwiPetro De Luanda ukuze ivule isikhala somdlali wangaphandle.

Amahlebezi abethi umdlali ovulelwa isikhala nguye u-Aziz Ki. Kodwa manje umethuli wezinhlelo kwiSuperSport TV obuye abe yintatheli uKarabo Phasha useveze okusha. 

Uthi engxoxweni abe nayo nomengameli weYanga, uphikile ukuthi kukhona isicelo esivela kwizinkunzi zaseSoweto ngo-Aziz Ki. 

Uveze izicelo ezimbili azithole emaqenjini amakhulu aseLibya i-Al Nasr ne-Al-Ittihad, nakwi-MC Algier yase-Algeria.

Uthe kukhona namanye amakilabhu amabili angadalulwanga avela e-Algeria naseMorocco afuna lo mdlali.

Wenqabile ukusho ukuthi engabuza malini uma kuwukuthi kuvela iqembu laseNingizimu Afrika lizocela ukudayiselwa lo mdlali. 

Ngempelasonto kube nemibiko evela eTanzania ethi u-Aziz Ki usecelile kwiYanga ukuthi imkhulule uma kuvela iqembu elimfunayo.

Le mibiko ithe iPirates iyona ehamba phambili emaqenjini angase amthole ngoba naye uthi engathanda ukudlala kuyo.

Yize iPirates isikuqinisekisile ukubolekiswa kukaGilberto e-Angola, isazokwenza izimemezelo ngokusayinwa kwabadlali abasha. 

Kulindeleke ukuthi isayine okungenani abanye abadlali abathathu – umdlali wasemuva, umdlali wasesiswini nomdlali ohlaselayo. 

Imataniswa nedlanzana labadlali okubalwa kubo ababili bePolokwane City oThabanga Matuludi no-Oswin Appolis. 

UFawaaz Basadien weStellenbosch FC naye kuthiwa ukhona ohlwini lwabafunwa uthuli kwiPirates.