Ezintsha

UHunt ucasha ngesithupha ngekusasa likaDolly kwezakhe

UGavin Hunt akafunanga ukuphumela obala ngokuthi uzomsayina yini uKeagan Dolly oziqeqesha neSuperSport United muva nje.

UDolly akanaqembu kusukela alaxazwa yiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokuhlala kuyo iminyaka emithathu. 

Kuke kwabikwa ukuthi iSuperSport iyamsayina, kodwa kuvela ukuthi yabuye yahoxa sekuvunyelwene ngakho konke ngesikhathi seyithola uVincent Pule. 

UPule wayekhululwe yi-Orlando Pirates, kanti uHunt wagxuma wamnqaka futhi wakhetha yena kunoDolly kwazise bake basebenza ndawaonye kwiBidvest Wits phambilini.

Ebuzwa ngoDolly kuleli viki, uHunt uvele wangena ezintangeni, akangaphuma nempendulo eqondile.

“UDolly akaseyena umdlali wasophondweni manje,” kusho uHunt ngesikhathi belungiselela umdlalo wabo neChiefs ongempelasonto. 

“Angicabangi ukuthi usangadlala ophondweni, kodwa ke uyaziqeqesha nathi, asilinde sibone kuzokwenzekani.”

Kuthe uma ecindezelwa ngemibuzo ngoDolly, nokuthi indlela adlala ngayo njengamanje vele ayisebenzisi izimpondo, uHunt wakhala ngokushodelwa abadlali.

“Asinabo abadlali, mina ngithanda ukusebenzisa izimpondo, kodwa ngifikele eqenjini elingenabo abadlali basezimpondweni, angizange ngikholwe. 

“Sihanjelwe yibo bonke abadlali bethu basezimpondweni. UJones (Gamphani Lungu) nguye obesidlalela kahle ophondweni lwesikudla kodwa manje useshintshelwe ekubeni umgadli. 

“Ngilande uVincent, hhayi ukuthi azodlala ophondweni kodwa manje useyaphoqeka ukudlala khona.

“Sihanjelwe nanguChandre Campbell, okusishiye siphenyekile ezimpondweni. 

“Abadlali abanjalo yilona uhlobo engiluthandayo, ngiyazi ngibasebenzisa kanjani.

“Kodwa ke anginabo manje, ngakho kumele ngizame ngenye indlela. Abanye basebancane kakhulu. 

“Baphuma enkulisa yethu. Bahle kakhulu ngokwethalente kodwa kusekuningi okumele bakufunde kuqala.” 

ISuperSport izobhekana neChiefs ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo emdlalweni weBetway Premiership ozoqala ngo-5.30 ntambama.