
U-Ouaddou uncoma izinhloli zePirates ngoPedersen
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usencome umsebenzi womnyango obhekele ukuthungatha abadlali ngemuva kokusayiniswa komgadli waseNorway u-Sebastian Pedersen.
Lo mgadli oneminyaka engu-27 wethulwe ngokusemthethweni yiPirates ngoJulayi 26 ukuqinisa ukuhlasela kweqembu ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
Ekhuluma ngosuku lokuxoxisana nabezindaba eRand Stadium ngaphambi komdlalo wokuvula isizini neMilford FC, u-Abdeslam Ouaddou uthe u-Sebastian Pedersen uletha ikhono elihlukile eqenjini.
“Ngicabanga ukuthi umnyango obhekele ukuthungatha abadlali umbone kuqala.
“Simhlolisisile futhi sikholwa ukuthi uzoletha okusha, ikhwalithi namakhono akhe eqenjini,” kusho u-Ouaddou.
Uphinde waveza ukuthi uPedersen wayevele enabo eSpain lapho iPirates beyikhempe khona ukuze ajwayelane nozakwabo abasha.
“Bekubalulekile ukuthi achithe izinsuku ezimbalwa nathi eSpain,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Ungaba ngumdlali osezingeni, kodwa uma ufika endaweni entsha kufanele simsize azijwayeze futhi ahlangane neqembu.”
Yize kunjalo, uPedersen akazange abonakale ngesikhathi sosuku lwabezindaba eRand Stadium njengoba esaqhubeka nokujwayelana neqembu.
Uma esetholakala, uzobhekana nomncintiswano onzima wokungena eqenjini eliqala imidlalo.
- FUNDA NALA | UHunt nezintsha ngoPhili neChiefs
Phela kuzomele adle umzila wezethenjwa o-Evidence Makgopa, uBoitumelo Radiopane noYanela Mbuthuma.
Yize engaziwa kangako u-Sebastian Perdesen, indlela u-Abdeslam Ouaddou akhulume ngayo ngaye ikhomba ukumethemba.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
