Ezintsha

UGaye ukhwele wadilika kuRiveiro emsola ngomgolo

UGaye uthi uRiveiro akahlukile kwabanye abaqeqeshi base-Europe abeza e-Afrika ngoba behubha imali, hhayi ukusiza ukuthuthukisa ibhola ezwenikazi. 

URiveiro uhalle iminyaka emithathu ebe nempumelelo encomekayo kwiPirates – wanqoba izindebe ezinhlanu – kodwa washiya isigubhukane qede wajoyina i-Al Ahly ngasekupheleni kwesizini edlule.

Kodwa ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa kuphela kwi-Al Ahly – emine kwiFifa Club World Cup nemithathu kwi-Egypt Premier League – usexoshiwe.

“Le ndaba ngeyalaba baqeqeshi abeza e-Afrika ngoba behubha imali…,” kusho uGaye kwiSoccer Africa kuleli sonto.  

“Le ndoda beyiqhuba kahle kwiPirates – iPirates beyisezofinyelela kowamanqamu kwiChampions League – kodwa yabe seyinquma ukuya kwi-Al Ahly.

“Ukwenze lokhu ngoba efuna ukuya kwiClub World Cup, efuna izindodla zemali. Ubezicabangela yena yedwa.

“Manje sekuyisikhathi sokukukhokhela lokho, futhi ngithemba ukuthi alikho iqembu elizomvumela ukuthi abuyele e-Afrika. 

“Makahambe ayozingela umsebenzi ngakubo eYurophu. Lezi yizinhlobo zabaqeqeshi esingabadingi ezwenikazi. 

“Kuhlale kumayelana nabo nokuhubha kwabo ingcebo,” kuchaza uMamadou, owaziwa ngokuphawula kwakhe okungalawuleki. 

Uqhube wathi uRiveiro bekumele azi ukuthi i-Al Ahly akuyona ikilabhu azonikwa kuyo isikhathi sokugxilisa ifilosofi yakhe.

“Kwi-Al Ahly, uma ungawini imidlalo emithathu ilandelana, kumele wazi ukuthi kuphelile ngawe,” kwengeza uGaye. 

“Bekusobala ukuthi uzohluleka kwiClub World Cup, kodwa ekubuyeni bekumele azi ukuthi kumele anqobe imidlalo kulandelana.” 

UGaye uphonselwe inselelo ngombono wokuthi uRiveiro ubezama ukuthola inselelo entsha, engaphezulu kwabeyithole kwiPirates, kodwa wakuphikisa lokhu. 

“Kwakungekona ukuthi ufuna inselelo, kodwa bekuwuhuhangaza imali. Ngesikhathi ekwiPirates ubenethuba lokuba ngumpetha wase-Afrika, iyiphi inselelo engcono kunaleyo?”