Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos uveza okumchaze ngabafanyana abaqokile

Ukhethe iqembu labadlali abasebancane anomuzwa wokuthi bayikusasa leqembu futhi ufuna ukubabonela eduze. 

Ukungatholakali kwabadlali beMamelodi Sundowns kwenze izinto zaba lula kuHugo Broos ukuthola ithuba lokunikeza abanye abadlali ithuba. 

Ekhuluma phakathi nesonto uthe ujabule ngalokho abekubona ejimini ngaphambi komdlalo wangoLwesihlanu. 

IBafana izobhekana neTanzania ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesihlanu ebusuku, bese kuba yiMozambique ngoLwesibili. 

“Ngijabule kakhulu ngalokho engikubone ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kuleli qembu elisha elinabadlali abasebancane,” kusho uHugo Broos.

“Futhi akukhona nje kuphela engikubone enkundleni kodwa nangaphandle kwenkundla. 

“Bekuthule kancane ezinsukwini ezimbalwa zokuqala, kodwa ngicabanga ukuthi lokhu kujwayelekile. 

“Baningi abadlali abasha eqenjini lesizwe, bazana beyizimbangi enkundleni.

“Kodwa kuhlala kuhlukile uma seniseqenjini elilodwa. 

“Nibonana kusukela lapho nivuka kuze kube yilapho niyolala, ngakho kwakuthule kancane. 

“Kodwa ezinsukwini ezimbalwa ezedlule konke bekuyindlela okufanele kube ngayo,” kwengeza uBroos.

UHugo Broos uthembise ukunikeza wonke umdlali amkhethile kule khempu ithuba lokumkhombisa ukuthi yini abangayenza.

“Enkundleni uma siziqeqesha, ngibona iqembu eligqugquzeleke kakhulu,” kuqhuba yena.

“Yiqembu elilaziyo ithuba elinalo lokudlalela iqembu lesizwe.

“Neqembu elaziyo futhi ukuthi ngethuba elilitholile manje, kufanele lizame ukulibamba ngezandla zombili.”

  • Ulibophele kanje iqembu lakhe: Goss – Van Rooyen, Basadien, Moloisane, Ndamane – Moremi, Appolis, Mbatha, Selepe – Mswanganyi – Cupido
  • Ebhentshini: Chaine – Mofokeng, Mbuthuma, Sibisi, Kabini, Kwayiba, Le Roux, Nkota, Mobbie, Mbokazi, Maphangule, Leaner.