
Uhambo alubanga luhle, ithemba wukuthi iChiefs ifundile
IKaizer Chiefs ivale imidlalo yokuzizwa amandla eyidlale ohambweni lwayo lokulungiselela isizini eNetherlands ngomphumela omubi.
Ihlulwe ngo 2-1 ibhekene neqembu elidlala esigabeni esiphezulu kuleliya zwe i-FC Twente ngoLwesithathu ebusuku.
Leli qembu le-Eredivisie, eliqede endaweni yesihlanu ngesizini edlule, libonakale liqine kakhulu kunelaMakhosi.
Lo mphumela usho ukuthi lezi ziqhwaga zaseSoweto zibuyela ekhaya zinqobe owodwa, zahlulwa kwemine emidlalweni emihlanu yokuzizwa amandla eziyidlalile.
UDaan Rots ubeke iTwente, okwakudlala kuyo inkakha yeChiefs uBernard Parker, phambili ngegoli alishaye kusele kancane kuyiwe ekhefini.
Yize ibilandela ngemuva kuyiwa ekhefini, iKaizer Chiefs ibe ngcono ngokuqhubeka kwesiwombe sesibili.
Lokhu kugcine ngokuthi ithole igoli lokulinganisa ngo-Inacio Miguel maphakathi nesiwombe sesibili.
Lo mdlali wasemuva wase-Angola ubekelwe iphenathi, wayichitha unozinti kodwa ngenhlanhla ibhola labuyela kuye, walinamathisela enethini.
Kodwa kuthe sekusele imizuzu emihlanu nje ukuthi kuphele umdlalo, umdlali wasesiswini waseTunisia uSayfallah Ltaief washaya elihle igoli lesibili leTwente.
Ukuhlulwa kwenzeke ngemuva kosuku iChiefs inqobe umdlalo wayo wokuqala — ihlula iPEC Zwolle ngo 1-0 wegoli likaNaledi Hlongwane.
IKaizer Chiefs ingenelwe amagoli ayisishiyagalolunye kule midlalo emihlanu eyidlalile, yona yashaya amathathu.
Kodwa ke, yize imiphumela ingayivunanga, into ebalulekile wukuthi kufanele ukube kukhona elikufundile leli qembu likaNasreddine Nabi.
IKaizer Chiefs manje izogxila emdlalweni olandelayo nowokugcina wokuziwa amandla ngaphambi kokuqala kwesizini.
Izobhekana nezikhondlakhondla zaseGhana i-Asante Kotoko emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoJulayi 26.
Amakhosi azobheka ukunqoba kulo mdlalo ukuze anyuse ukuzethemba ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
