
Ezishaqisayo ngekusasa likaNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs
UNasreddine Nabi uzwakale ezikhalela kubaphathi ukuthi bamgcine aqhubeke nomsebenze wakhe ngemuva kokusiza iKaizer Chiefs inqobe iNedbank Cup ngoMgqibelo.
IKaizer Chiefs ishaye i-Orlando Pirates ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium ukunqoba indebe yayo yokuqala eminyakeni engu-10.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uNasreddine Nabi uthe unethemba lokuthi lokhu kunqoba kuzokwengeza isikhathi sakhe eNaturena.
Kodwa iSunday Times ibika ukuthi abaphathi beqembu sebesithathile isinqumo ngalo mqeqeshi waseTunisia.
Lo mbiko uveza ukuthi uNasreddine Nabi usazisiwe ukuthi ngeke esadingeka ngale kwale sizini kwiKaizer Chiefs.
Kodwa ekhuluma ngemuva komdlalo, uNabi ubonakale enxusa abaphathi ukuthi baguqule isimo sabo ngekusasa lakhe.
“Inhloso yami yokuqala yeqembu ukubuyisela iKaizer Chiefs endaweni yayo eyifanele.
“Ngijabule ngale ndebe ngoba izongisiza ngiqhubeke nohlelo lwami, futhi izonikeza abalandeli ukuwethemba lo msebenzi engiwenzayo,” kusho uNabi.
Kodwa ngokombiko weSunday Times, ukunqoba kwakhe akusho lutho ngoba isinqumo sesiphumile ngaye.
“Noma ngabe uyanqoba noma akanqobi, ngeke ahubeke nalo msebenzi,” kucashunwe umthombo kanje. Bewukhulume ngaphambi komdlalo.
“Abaphathi bebhodi elengamele iqembu sebebe nemihlangano emithathu kusukela ngo-Ephreli bedingida indaba yokuthi awubonakali umehluko.
“Bagcine bephume nesinqumo sokuthi uma kuphela isizini yena nethimba lakhe lonke bazohamba.” kuqhuba lo mthombo.
“Kuzoxoxwa ngokuthi uzoshiya kanjani ngoba akazange akwenze abebekelwe khona.
“Obekuingeka kuye wukuthi ahlanganise iqembu eliqinile, lidlale ibhola elikhangayo futhi liqede emaqenjini amathathu aphezulu kwilogi.
“Lokhu akwenzekanga yize ikilabhu ifake imali elinganiselwa ku-R100 millio kule sizini iyodwa.
“Umuzwa osale ngemuva komhlangano wokugcina bewucacile – umqeqeshi kumele ahambe nethimba lakhe.”
Njengoba seyisele nemidlalo emibili kwiligi, iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye futhi kuzoba nzima ukuthi ingebe kwayisisiyagalombili aphezulu.
Umkhankaso wokufuna omunye umqeqeshi kuthiwa sewuvele uqalile eNaturena.
