EzintshaKaizer Chiefs

Kuvela abathathu abazokhonjwa indlela kwiKaizer Chiefs 

Le kilabhu ezinze eNaturena kulindeleke ukuthi ivuselele isikwati sayo ngabadlali abasha ngesizini ezayo.

Lokhu kusho ukuthi kumele kube khona abanye abakhululwayo ukuze kuvuleke isikhala sabadlali abasha.

Sekuvele amagama abadlali abathathu asebekhulile okuthiwa bayingxenye yalabo abazokhululwa uma kuphela le sizini.

UMduduzi Mdantsane, uTebogo Potsane, noSabelo Radebe yibona okuthiwa baphambili ohlwini lwabadlali okulindeleke ukuthi bashiye Amakhosi.

I-Kaizer Chiefs ifuna ukuphungula abadlali ababonakala bengenalo usizo abangalunika iqembu ukuya phambili, ngokusho komthombo osondelene naleli qembu. 

Uthi iChiefs ayihlosile ukusayina abadlali abasha nje kuphela — kodwa ifuna ukusala nabadlali abasezingeni elifunwa umqeqeshi.

Lo mthombo osondelene neqembu ukuqinisekisile ukuthi lukhulu uguquko oluzokwenzeka, wathi baningi nabanye abadlali abangase bazithole bekhishwa ngesango. 

“Lento imayelana nokuphatha isabelomali nokwakha iqembu eliqinile… 

“Futhi ngokwemvelo, uma kungena abadlali abasha, abanye kufanele baphume,” kusho umthombo.

Umqeqeshi uNasreddine Nabi nethimba lakhe kuthiwa yibo abahola lo mkhankaso wokwakhiwa kabusha kwe-Kaizer Chiefs.

Abaphathi kuthiwa basakholelwa emsebenzini kaNabi ngakho bazomeseka ngalokho akudingayo. 

IKaizer Chiefs isebenzela ukubuyisa isithunzi sayo, iphinde ibe ngelinye lamaqembu ahlonishwayo hhayi kuleli nje kuphelam kodwa nasezwenikazi.

Umthombo uthe kuzoba nomkhankaso wokunxenxa abalandeli ukuthi babe nesineke, banike uNabi isikhathi asidingayo. 

“Leli yithimba eliqinile labaqeqeshi. Lingelinye laphambili e-Afrika uma ubheka abantu abakulo. 

“Wukuthi nje okwamanje imiphumela ayikakubonisi lokho okwamanje,” kusho omunye umthombo. 

I-Kaizer Chiefs ifuna ukubuyela kule ebiyaziwa iyiyo phambilini – ibe yiqembu eliphambili ebholeni lakuleli. 

Kodwa inqubo yokwenza lokho ingase ithathe isikhathi, kodwa ukwakhiwa kabusha sekuqalile ngokusemthethweni.