Bafana BafanaEzintsha

UDortley weChiefs noMbatha weBucs bangenile kweleBafana

  • Intatheli yeLISENETHINI

IBafana iqala imidlalo yokuhlungela i-Afcon ne-Uganda ngoSepthemba 6. URonwen Williams ungomunye wabadlali abagqamile abangekho. Ulimele.

Omunye phakathi kukaRicardo Goss, uVeli Mothwa, noma uSipho Chaine uzongena endaweni yakhe emapalini. UPercy Tau akaqokwanga.

U-Aubrey Modiba, oqale washiywa ngaphandle, ungenile kwabadlali basemuva abayisishiyagalolunye abakhethiwe. 

UFawaaz Basadien weStellenbosch FC noRushwin Dortley weKaizer Chiefs nabo bakhona ezitobheni zeqembu.

UThalente Mbatha noJayden Adams bona bangene kubadlali basesiswini maphakathi nenkundla. 

URelebogile Mofokeng angase adlale kule midlalo yokuhlunga njengoba naye eqokiwe ekubeni usefomini enhle kwiPirates. 

UBroos ushiye uTau ngaphandle ukuze amvikele ekugxekweni. Ukungaqiniseki ngenhlalo kaTau kwi-Al Ahly nakho kube nomthelela esinqumeni sikaBroos. 

Iqembu lidinga abadlali abakulungele ngokomzimba nangokwengqondo ukudlala.

INingizimu Afrika izobhekana ne-Uganda ngoSepthemba 6 bese kuba yiSouth Sudan ngoSepthemba 10. Iqembu lesithathu kuGroup K yiCongo.

IBafana ikleliswe endaweni yeshumi e-Afrika. I-Afcon elandelayo ihlelelwe uDisemba 2025 eMorocco.

Iqembu leBafana lime kanje: 

  • Onozinti: Ricardo Goss (SuperSport United), Veli Mothwa (AmaZulu), Sipho Chaine (Orlando Pirates) 
  • Izitobha: Nyiko Mobbie (SuperSport United), Thapelo Morena (Mamelodi Sundowns), Rushwin Dortley (Kaizer Chiefs), Nkosinathi Sibisi (Orlando Pirates), Aubrey Modiba (Mamelodi Sundowns), Khuliso Mudau (Mamelodi Sundowns), Fawaaz Basadien (Stellenbosch FC) , Siyabonga Ngezana (FCSB, Romania), Grant Kekana (Mamelodi Sundowns)
  • Esiswini: Teboho Mokoena (Mamelodi Sundowns), Jayden Adams (Stellenbosch FC), Sphephelo Sithole (Gil Vicente, Portugal), Thalente Mbatha (Orlando Pirates) 
  • Abagadli: Themba Zwane (Mamelodi Sundowns), Oswin Appollis (Polokwane City), Patrick Maswanganyi (Orlando Pirates), Iqraam Rayners (Stellenbosch FC), Elias Mokwana (Esperance de Tunis, Tunisia), Lyle Foster (Burnley, England), Relebogile Mofokeng (I-Orlando Pirates)