
UDoctor Khumalo nezinsolo ngokuhlukana kweChiefs noLilepo
Ingwazi ye-Kaizer Chiefs, uDoctor Khumalo, isiveze ukukhathazeka ngesinqumo seqembu ngo-Glody Lilepo.
Futhi seyiveze ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokuvumela kwayo ukuthi uLilepo ahambe, njengoba kubikwa ukuthi usesondele ekushiyeni Amakhosi.
Kubikwa ukuthi iChiefs isivumelene ngemali yokudayisa lo mdlali waseDR Congo namaqembu aseNyakatho Afrika, iRaja Casablanca ne-Al Ahly Benghazi.
UKhumalo uthe uma uLilepo ehamba, kungenzeka ukuthi ubona amathuba angcono kwenye indawo.
“Uma ehamba, mhlawumbe ubona ikusasa elingcono lapho eya khona,” kusho uDoctor Khumalo.
Kuphinde kwavela imibiko ethi u-Glody Lilepo nguyena owaphoqa ukuthi ahambe kwi-Kaizer Chiefs.
Ekupheleni kwesizini edlule washicilela umlayezo wokuvalelisa ezinkundleni zokuxhumana yize ayesenenkontileka neqembu.
Waphinde wasusa zonke izithombe zakhe egqoke imibala yeChiefs emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana, okwashiya abaningi bekholwa ukuthi usefuna ukuhamba.
“Ukuthi iChiefs iyamdedela kusho ukuthi kungenzeka kunenkinga yangaphakathi esingayazi.
“Ngifuna ukukholwa yilokho ngoba ubani ongadedela umdlali onjengaye kalula kanje?” kuqhuba uDoctor Khumalo.
“Bengicabanga ukuthi uzoba ngomunye wabadlali ababalulekile kule sizini, ikakhulukazi ngenxa yabadlali abasha abasayiniwe.
“Uma ulahlekelwa umdlali odlala ophikweni futhi okwaziyo nokushaya amagoli, kuphakamisa imibuzo.
“Kodwa noma kunjalo, ngimfisela okuhle ngoba wenze umsebenzi omuhle kwiChiefs.”
- FUNDA NALA | Okugqame iPirates iwina eSpain
NgokukaDoctor Khumalo, ukuhamba kuka-Glody Lilepo kwi-Kaizer Chiefs akungoba iqembu lifuna, kodwa kukhona okungakavezwa okuphoqe isimo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
