
UCedric Kaze ukhuza ihaba kwabeKaizer Chiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, usenxuse ukuzola eqenjini lakhe – kubadlali bakhe nabalandeli babo.
Ukusho lokhu njengoba injabulo iphezulu kuMakhosi kulandela ukunqoba imidlalo emibili kulandelana kwiBetway Premiership.
Le miphumela inyusele iChiefs endaweni yesibili kwilogi – nokho kungenzeka ibuye yehle ngemuva kwemidlalo yangoLwesithathu.
Amakhosi aqoqe amaphuzu ayisithupha ehlula iDurban City ekuhambeni, aphinda amanye eshaya i-Orbit College ngo 4-1 ngoLwesibili.
Injabulo yabalandeli ezinkundleni zokuxhumana iphezulu njengoba abalandeli bebungaza lo mgqigqo weqembu labo.
Kodwa uCedric Kaze uthi kusekude phambili, futhi ubona kufanele bazehlise ukuze baqinisekise ukuthi abagcini bedideka ngalokho okubalulekile.
“Esikudingayo – thina nawo wonke umuntu – sidinga ukuzehllisa. Sidinga ukuthobeka,” kusho uKaze.
“Sisadinga ukusebenza kanzima ngoba asikafiki lapho sibheke khona. Ngiyazi ukuthi lapha unqoba umdlalo owodwa bese uba ngunkulunkulu webhola.
“Kodwa wahlulwa noma wadlala ngokulingana umdlalo owodwa ube sewuba yiplamba nanoma yini enye abakubiza ngayo.
“Yingakho kulesi simo kumele sibe nomlayezo oqondile kubadlali,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka eBurundi.
“Sidinga ukuthobeka, sidinga ukusebenza kanzima ngoba isizini isekude kakhulu ukuphela futhi kuyintshisekelo yethu ukuthi sizame ukugcina lo mfutho wethu.”
FUNDA NALA | Ivuse isasasa ‘impi’ kaMokwena noRamovic e-Algeria
Umdlalo olandelayo weKaizer Chiefs wumdlalo wamaqoqo weCaf Confederation Cup neqembu lase-Egypt i-Al Masry ngoNovemba 23.
Lokhu kuzonikeza uCedric Kaze nasizana naye uKhalil Ben Youssef isikhathi esanele sokuthuthukisa iqembu labo. Nokho leli khefu elide lingase liphazamise lo mgqigqo wabo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
