
Ezintsha ngoMabasa: usekhonjwa kwelaseMorocco
Obengumgadli we-Orlando Pirates, u-Tshegofatso Mabasa, kubikwa ukuthi sekuseduze kakhulu aphothule isivumelwano sokujoyina iqembu laseMorocco.
Ngokwemibiko eqhamuka eMorocco, iMas Fés ifuna ukusayina lo mgadli ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.
Lo mgadli oneminyaka engu-29 ubudala usale engenalo iqembu ngemuva kokwenqaba ukusayina inkontileka entsha neStellenbosch.
Kubikwa ukuthi uthathe lesi sinqumo ngoba efuna inselelo entsha ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Uma yonke imininingwane yesivumelwano iqedwa njengoba kulindelekile, u-Tshegofatso Mabasa uzoba ngomunye wabadlali bakuleli abazodlala kwiligi yaseMorocco ngesizini ezayo.
Lo mgadli ushiya iBetway Premiership ngemuva kokuzakhela igama njengomunye wabagadli ababukhali phambi kwepali.
Ukuya kwakhe kwiMas Fés kulindeleke ukuthi kumvulele ithuba lokuzibonakalisa ebholeni lase-Afrika futhi kube yisiqalo esisha emsebenzini wakhe.
Abalandeli bazolinda isimemezelo esisemthethweni sokuphothulwa kwalesi sivumelwano.
- FUNDA NALA | UKhune akaneme ngesiqalo sikaDa Cruz kwiChiefs
Ukukhululwa kuka-Tshegofatso Mabasa yi-Orlando Pirates kushiye abalandeli abaningi bekhala njengoba bebembonaesangaba wusizo kakhulu eqenjini.
Kodwa kuvela ukuthi indlela adlala ngayo ibingahambisani nefunwa umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
