Bafana BafanaEzintsha

ISafa icacisa eyenkontileka ‘entsha’ kaHugo Broos

Inhlangano eyengamele ubhola eNingizimu Afrika (Safa) isiphawulile ngamahlebezi athi umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos, usenikezwe inkontileka entsha.

ISafa ithi le mibiko ingamanga, iyadukisa futhi ayinasisekelo. Imibiko iveze ukuthi lo mqeqeshi waseBelgium usethole ukwelulwa kwenkontileka ngonyaka owodwa.

Kodwa iSafa isikucacisile ukuthi lokho akulona iqiniso esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu.

Ithe u-Hugo Broos usenenkontileka eqhubekayo kuze kube sekupheleni kukaJulayi 2026.

Le nhlangano igcizelele ukuthi ayikakhiphi nkontileka entsha kunoma yimuphi umqeqeshi.

ISafa iphinde yaveza ukuthi izinqubo zayo zangaphakathi eziphathelene nethimba labaqeqeshi beBafana Bafana azikaphothulwa.

“Akukho nkontileka ekhishiwe noma egunyazwe yiNational Executive Committee,” kusho iSafa.

Le nhlangano ithe iyadumala ngokuthi ezinye kukhona abezindaba abashicilele imibiko ethi u-Hugo Broos welulelwe inkontileka.

Iphinde yagxeka imibiko ecaphuna imithombo engadalulwam ithi imibiko enjalo idala amahlebezi angadingekile, futhi iyadukisa.

Ibe seyinxusa abezindaba ukuthi baqale bacele ukuphawula kuyo ngaphambi kokushicilela izindaba ezithinta izindaba zamaqembu esizwe.

Ithe lokho kuzosiza ekuqinisekiseni amaqiniso nokuvimbela ukusabalala kolwazi olungelona iqiniso.