
Owe-Orbit ukhwele wadilika kuSaleng ‘ongasizi ngalutho’
Umqeqeshi we-Orbit College, uPogiso Makhoye, usezwakalise ukukhathazeka ngeqhaza likaMonnapule Saleng eqenjini lakhe.
Uphinde waphakamisa ukuthi bangenza kangcono ngaphandle kwalo mdlali abambolekwe yi-Orlando Pirates.
Ukuthuthela kukaSaleng kwi-Orbit bekubonakale njengethuba elihle lokuthi avuselele umsebenzi wakhe webhola.
Lokhu, ikakhulukazi ngemuva kokuthi uMakhoye ephumele obala weseka lo mdlali wasophikweni waze wamnikeza ibhande lobukaputeni lapho efika.
Kodwa-ke, ekhuluma kwiSports Night Amplified kuMetro FM, uMakhoye uvumile ukuthi lo mdlali akakabagculisi ngendlela adlala ngayo, waveza nokuthi kunezinguquko ezingase zibe khona.
“Kuze kube manje ngicabanga ukuthi akasenzelanga ebesikulindele kuye njengomdlali onegama,” kusho uMakhoye.
“Umdlali ofike enegama elikhulu, ngakho-ke, lezo yizinto okudingeka uhlale phansi uzihlole njengeqembu…
“Ubheke ukuthi, ‘ngabe unomthelela obonakala ngempela eqenjini, ngabe sidlala kangcono uma eseqenjini noma uma engekho?’.
“Ngakho-ke, lezo yizinto okudingeka sizibheke, lezo yizinto okudingeka sizihlole kula masonto amabili ezayo.
“Naye futhi, kumele azitshele ukuthi, ‘ngidinga ukukhuphula umdlalo wami ngoba sidlale umdlalo ophezulu ngoLwesibili ngingekho mina’.
“Ubuyele eqenjini, saba yiqembu elihlukile ngoba ngoLwesibili wonke umuntu ubesebenza, wonke umuntu ubezikhandla.
“Ngicabanga ukuthi yiwona mqondo, yingakho ngisho ngazo zombili izindlela, ukuthi, ‘kufanele asihole njengomdlali omkhulu’.
“Manje isisindo siphezu kwakhe, ngakho-ke uma engekho, wonke umuntu ufaka u-110% kodwa uma ekhona ensimini, bavame ukuthi, ‘sithembele kuwe ukuthi usihole’.”
UMakhoye uvumile ukuthi kungenzeka ukuthi wenze iphutha ngokuqoka uSaleng njengokaputeni kwazise ubesenesikhathi egcinile ukudlala kwiPirates.
“Cha, angisicabangi kabusha isinqumo, khumbula ukuthi kusenemidlalo emihlanu kuphela edlaliwe, laba bafana bebedlala sonke lesi sikhathi ngaphandle konegama elikhulu.
“Futhi manje ulapha, sidinga ukumdlalisa ngendlela efanele, nabanye abadlali badinga ukumdlalisa ngendlela efanele,” kuchaza lo mqeqeshi.
“Manje bafuna ukuthembela kuye, kodwa ngabe ukulungele ukuhola? Mhlawumbe simnika umthwalo omkhulu, sidinga ukumsiza.”
I-Orbit College iwine owodwa futhi yahlulwa kwemine emidlalowe emihlanu yokuqala ngesizini yayo yokuqala kwiBetway Premiership.
FUNDA NALA | Ususe umsindo uDuba ‘evalelisa’ kwiChiefs
Lokhu kuyibeka endaweni ka-15 kwilogi, iphezulu ngamaphuzu amabili kwiChippa United engezansi kwayo, nelilodwa ngemuva kwamaqembu amane – iSiwele FC, iRichards Bay neStellenbosch – angaphezu kwabo, inalinganayo neMagesi.
Umdlalo wayo olandelayo ungoSepthemba 16 lapho izobhekana khona nelinye iqembu elidonsa kanzima, iChippa United.
