
Igidigidi uDuba ‘evalelisa’ kwiChiefs
Umgadli weKaizer Chiefs, uWandile Duba, ushiye abalandeli beqagela ngemuva kokufaka umyalezo omgaqondakali kwi-Instagram yakhe.
Lo mlayezo wakhe uveze ukuthi uyavalelisa, kodwa akangaphumela obala – manje kuvela ukuthi angase ajoyine iqembu laseSaudi Arabia.
Kuvela ukuthi leli qembu, i-Al shabab Riyadh linentshisekelo ngalo mgadli osemncane njengoba lifuna ukuqinisa kubagadli.
UDuba wengeze upharafini kumahlebezi ebhala kanje: “Ngiyahamba ❤️✌️🤝”.
Lo mgadli oneminyaka engu-21 ubudala odabuka eLenasia, eGoli ufake lo mbhalo kwi-Intsagram Story ngoMsombuluko kungazelele muntu.
UDuba usedlale imidlalo emine kanti wakhe igoli elilodwa kwemihlanu edlalwe yiChiefs kule sizini.
Ukungabi khona kwakhe ngisho ebhentshini emdlalweni wangempelasonto – la iChiefs ishaye khona iGolden Arrows ngo 1-0 – nakho kwengeza kulamahlebezi okushiya kwakhe.
Abalandeli baMakhosi sebeqalile ukuveza ukukhathazeka njengoba bebesamthanda lo mfanyana kwazise uke abalamulele sekukubi.
Kodwa ke kubukeka iqembu lizihlinzekele ngokumdedela njengoba lisayine abagadli ababili abanamava, uFlavio Silva waseGuinea-Bissau no-Etiosa Ighodaro waseNigeria.
UDuba ube nesizini enhle kule edlule njengoba eshaye amagoli amane, wakhela ozakwabo elilodwa emidlalweni engu-20.
Futhi angaba ngumdlali wakamuva waMakhosi ukuya phesheya kungalindelekile elandela ezinyathelweni zalaba abaladelayo:
- UNjabulolo Blom owaya kwiSt Louis e-USA
- USiyabonga Ngezana owaya kwiFSSB eRomania
- UThatayaone Ditlhokwe owaya kwi-Al-Ittihad SC eLibya
- NoYusuf Maart oye kwiSV Ried e-Austria.
Kungakhathaliseki ukuthi kuzoba wukubolekiswa noma uzodayiswa unomphela, akufake kwi-Instagram kushiye imibuzo eminingi kunezimpendulo.
FUNDA NALA | UMariko uveza okumenze waqoka iPirates kwamaningi abemfuna
Okwamanje abalandeli beKaizer Chiefs bazobe belinde ukucaciselwa yiqembu uma kukhona okwenzekayo.
Into eyodwa eqinisekile: Ikusasa likaDuba lingundabamlonyeni kkulezi zinsuku ebholeni laseNingizimu Afrika.
