
UCardoso ubhodla ngokuhlazeka ekhunyuliswa phambi kwabantu
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, usebhodle ngesehlakalo athi simhlambalazile sokushintsha izikibha phambi kwabalandeli.
Lokhu kwenzeke ngempelasonto edlule emdlalweni weBetway Premiership la bebebhekene khona ne-Orlando Pirates eLoftus Stadium.
Lo mqeqeshi odabuka ePortugal ubonakale ekhumula isikibha sakhe esicishe sibe mnyama phakathi nesiwombe sokuqala — okuyinto engajwayelekile futhi eshiye abalandeli bemangele.
UMiguel Cardoso usedalule ukuthi ngunompempe, uMasixole Bambiso, omyalele ukuthi ashintshe ngoba umbala wesikibha sakhe ubucishe ufane nowejezi lePirates.
“Bengigqoke isikibha esi-navy, kanti iPirates besigqoke okumnyama. Unompempe uthe umbala wami uphazamisa umsizi wakhe,” kuchaza uCardoso.
“Wangitshela ukuthi ngishintshe… Bekula emzuzwini ka-25 — wathi uma ngingashintshi uzonginika ikhadi elibomvu.”
Njengoba igumbi lokushintshela belikhiyiwe futhi esinye isikibha sakhe esimhlophe sisebhasini yeqembu, uCardoso uthi wayengenayo enye indlela ngaphandle kokushintsha khona enkundleni.
“Ngagijima ngangena ngaphakathi, kodwa igumbi lokushintshelaa belikhiyiwe. Ngabuya, unompempe wathi nginomzuzu owodwa noma ngizothola ikhadi elibomvu.
“Ngakho yebo, ngibe nqunu ngenhla enkundleni,” kusho lo mqeqeshi. “Akukuhle ukuba indoda ibe nqunu phakathi nomdlalo, kodwa yilokho okwenzeka kimi.”
Izithombe zalesi sigameko zibe sezindiza ezinkundleni zokuxhumana zaze zafinyelela kwelakubo ePortugal.
“Umndeni wami ube namahloni. Umkami ubengeneme neze, indodana yami yona yabuza ukuthi kwenzekani. Akuyona into engiziqhenya ngayo,” kwengeza uCardoso.
Nakhona ushintsha nje useshinthane nelinye lamaphini akhe elilolonga abadlali ngezikibha okusho ukuthi uthole isikibha esimanzi kwazise kade ejuluka evocavoca abadlali ngaphambi komdlalo.
FUNDA NALA | UBroos uveza isizathu sokugabha oweChiefs
UMiguel Cardoso uthi ngaphezu kokuba manzi umjuluko wenye indoda, lesi sikibha besisincane kunaye futhi simpintsha.
“Nokho okuhle wukuthi uFabio uyindoda ehlanzekile, futhi usebenzisa amakha ngakho besinganuki” kusho uCardoso sakuncokola.
Ngesikhathi kuyiwa ekhefini, wagcina eshintshile wafaka isikibha sakhe esimhlophe, waqeda ngale nkinga.
Ukhale ngokuthi ujwayele ukubona abaqeqeshi begqoke imibala ecishe ihambe neyeqembu abadlala nalo futhi akukaze kube yinkinga phambilini.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
