Ezintsha

Okwenza oweZakho angawuvali ngoSipho Mbule

Umqeqeshi weZakho FC, uPatrick Banide, usezwakalise injabulo yakhe  ngekhono lomdlali wakhe omusha u-Sipho Mbule.

UMbule ujoyine leli qembu lase-Iraq ngemuva kokushiya i-Orlando Pirates, lapho ahluleke khona ukuzinza eqenjini.

Nokho, uBanide ukholwa ukuthi lo mdlali unekhono lokwenza umehluko omkhulu kwiZakho.

“Siwajabulele kakhulu amakhono kaSipho,” kusho uBanide muva nje.

“Kimina, uzosinqobela imidlalo eminingi. Ungumdlali odinga uthando oluningi.

“Ngokwekhono, ungaphezulu kwabadlali abaningi abakule ligi.”

Le nkulumo izoba yisikhuthazo esikhulu ku-Sipho Mbule njengoba ezama ukuvuselela umsebenzi wakhe ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.

UBanide ukholwa ukuthi ikhono likaMbule lingamenza abe ngomunye wabadlali abagqama kakhulu kule ligi.

Manje inselelo kuMbule kuzoba wukuphendula lokhu ngemidlalo emihle futhi asize iZakho lifeze izinhloso zayo kule sizini.