
Akayena uMessi noma uRonaldo, kodwa uwusizo olukhulu – Broos
Ngu-Alfred Ngubane
UHugo Broos usevikele omunye wabadlali bakhe athi bahlezi begxekwa ekubeni bewusizo olukhulu eqenjini lakhe iBafana Bafana.
Lowo mdlali ngu-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates ongene sekwephuzile esikwatini evala isikhala sika-Iqraam Rayners oxinwe wukugula.
“Angicabangi ukuthi kufanele ngenze incazelo enkulu ngalokho angakwenza nalokho angeke akwazi ukukwenza.
“Ngesikhathi siya kwi-Afcon eminyakeni emibili edlule, wonke umuntu wayebuza ukuthi uMakgopa ufunani eqenjini.
“Kodwa sonke sabona ukuthi iyiphi indima ayidlala eqenjini kwi-Afcon,” kusho uHugo Broos.
“Ngakho, baningi abantu ababukela phansi uMakgopa. Akayena uMessi, futhi akayena uRonaldo, ngiyakwazi lokho.
“Kodwa ungumfana ongaba wusizo kakhulu eqenjini, futhi wakubonisa lokho phambilini. Wakhombisa eminyakeni emibili edlule kwi-Afcon,” kwengeza uBroos.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Lo mqeqeshi uphinde wachaza ukuthi isipiliyoni sikaMakgopa nezinga lomsebenzi kwenze kwaba lula kuye ukubuyisa yena uma kuvela isikhala ngokuhamba kukaRayners.
“Kuthe uma u-Iqraam kufanele aphume ekhempini, angizange ngingabaze ukuthi ngiphinde ngibize u-Evidence ngoba ngiyazi ukuthi ngizomdinga, ngiyazi ukuthi uzosisiza kakhulu,” kuphetha uBroos.
UMakgopa wadlala kahle kakhulu ngaphansi kukaHugo Broos, ehlangana kahle nabadlali beMamelodi Sundowns, waze wanconywa nanguThemba Zwane.
FUNDA NALA | OweZimbabwe usongela iBafana
Usebenze kahle nanomqeqeshi uJose Riveiro kwiPirates njengoba ebambe iqhaza elikhulu ukusiza leli qembu iMTN8.
