
ULyle Foster uncoma ‘umkhulu’ uBroos obenza abanqobi
Ngu-Alfred Ngubane
ULyle Foster ongumgadli weBafana Bafana neBurnley yase-England uthi uHugo Broos uyabagqugquzela kakhulu ukuthi benze kahle kwelesizwe nasekilabhini abo ngokuhlukana.
Lo mgadli uthwele amathemba eBafana Bafana okushaya amagoli amaningi njengoba izobhekana neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu.
“UHugo Broos njalo ngesonto uyakufonela ukukubheka ukuthi isimo sakho sempilo sihamba kanjani,” kusho uLyle Foster.
“Usuke elwela ukuthi sihlezi singabanqobi njengoba umbona akanaye umdlali ongcono kunabanye abadlali esikwatini sakhe.
“Wonke umdlali osekhempini yeBafana Bafana uyafana kuye. Kithina ufana nomkhulu wethu sonke ngoba usiphatha kahle ngendlela efanayo.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
ULyle Foster uphinde waveza ukuthi iqembu lakhe iBurnley FC lithwele kanzima ngokugqoza kwemiphumela kwi-English Premier League,.
“Kunzima khona. Izinto azisihambeli kahle futhi ngicabanga ukuthi siyashoda ngabadlali abanesipiliyoni eqenjini.”
IBafana neZimbabwe bazobambana ngezihluthu kuthule umoya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu – umdlalo uqala ngo-6 ntambama.
FUNDA NALA | IChiefs isimgxalile uNabi
Ibophele kanje iBafana: Williams – Mudau, Modiba, Mbokazi, Sibisi – Mokoena, Nkota, Sithole, Mbule, Apollis – Foster.
Ebhentshini: Chaine, Goss, Aubass, Shabalala, Ndamane, Makgopa, Matuludi, Morena, Moremi, Khoza, Kabini, Mbatha
