
OweKaizer Chiefs uveza akubheke kuMfundo Vilakazi
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze usetuse inqubekela phambili yesihlabani esisesincane uMfundo “Obrigado” Vilakazi.
Kodwa uphinde wakhipha umyalelo ocacile wokuthi lo mdlali oneminyaka engu-20 kumele enzeni ukuze aqale imidlalo.
UMfundo Vilakazi ubesasetshenziswa njengomdlali wokujika izinto esuka ebhentshini kwiKaizer Chiefs kule sizini.
Ube ngundabamlonyeni ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokudlala kahle kwakhe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Esuka ebhentshini ngomzuzu ka-62, u-Obrigado ushaye igoli lesibili eliqinisekise ukuthi Amakhosi aphuma nawo ephelele amaphuzu.
Igoli lokuqala belishaywe uWandile Duba esiwombeni sokuqala.
Njengamanje uVilakazi wenza kahle kakhulu okokuqala kusukela akhushulelwa eqenjini elikhulu ekuqaleni kuka-2024.
Naphezu kokubonakala eba ngcono, uKaze uphawula ukuthi kunezinto okusamele aqine kuzo ukube abe ngimdlali ophelele.
UKaze ugqamise izindawo ezimbili eziqondile lapho ithimba labaqeqeshi lifuna ukumbona ethuthuka kuzo:
- Ubuhlakani engaliphethe ibhola: UKaze ukugcizelele ukuthi uVilakazi kumele athuthukise ukusiza uma sebelahlekelwe yibhola.
- Ukuqina komzimba: Ukuze akwazi ukumelana nokuqina kweBetway Premiership, umqeqeshi ufuna uVilakazi aqine ngokomzimba.
“Ungumfana omangalisayo futhi ohlezi efuna ukufunda,” kusho uKaze ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.
“Kodwa kukhona ukuthuthukiswa okuthile akudingayo ukuze abe sezingeni elifanele ngokomzimba, akwazi nokugcina kahle ibhola.”
FUNDA NALA | UMofokeng uveza imfihlo yamagoli amathathu
Ukunqoba kwiMagesi kuphawule ushintsho olukhulu kuMakhosi abenengcindezi enzima muva nje.
Ngokunqoba kulandelana okokuqala kulo nyaka, iChiefs isibuyele embangweni wokubuyela emiqhudelwaneni yeCaf.
