EzintshaKaizer Chiefs

Isinqumo seKaizer Chiefs esingujuqu ngoNasreddine Nabi

Leli qembu elizinze eNaturena, selimemezele ukunqanyulwa kwenkontileka yalo nomqeqeshi oyinhloko uNasreddine Nabi.

Bese kuphele amasonto amaningana lo mqeqeshi amiswa emisebenzini yakhe eNaturena, yize isizathu sangempela sokumiswa kwakhe singadalulwanga.

Kodwa imibiko iveze ukuthi kungenxa yokutholakala kokuthi akanazo izimfanelo zokuqeqesha eziphelele. 

ILisenethini ike yabika ngesonto elidlule ukuthi esinye sezizathu wukuthi kwavela ukuthi lo mqeqeshi waqamba amanga nesikhathi ethi ulinyalelwe umkakhe.

Kuvele ukuthi ngaleso sikhathi wayeye kovuselela izimpepha zakhe zokuqeqesha.

Kwathi ebuya kwabe sekudlule isikhathi sokuthi zibhaliswe kwiCaf ukuze ahlale ebhentshini emidlalweni yeConfederation Cup.

Ubudlelwano bube sebuba muncu, uNasreddine Nabi wavuma ukuthi uzoshiya kwiKaizer Chiefs kodwa wabuye wasijika izinqumo sakhe ngokuhamba kwesikhathi.

Kodwa manje sebegcine bevumelene ngokwehlukana ngesihle ngemuva kwezingxoxo ikilabhu ethe zibe ‘ngezakhayo nezinenhlonipho’.

Esitatimendeni esihlanganyelwe, zombili izinhlangothi zikuqinisekisile ukuthi isinqumo kuifinyelelwe kuso ngokuthula. 

“IKaizer Chiefs ibonga umqeqeshi u-Nabi ngeqhaza lakhe ngesikhathi ephethe iqembu.

“Futhi sidlulisa izilokotho zethu ezinhle esimfisela zona emsebenzini wakhe esikhathini esizayo,” kusho iChiefs esitatimendeni ngoLwesihlanu emini.

Umqeqeshi uNabi naye udlulise ukubonga kwakhe ebuholini bekilabhu, abasebenzi, abadlali, nabalandeli ngokumeseka kwabo ngesikhathi sakhe eNaturaena.

Ngemuva kokuhamba kwakhe, iChiefs ikuqinisekisile ukuthi uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze yibo abazohola iqembu kuze kuphele isizini.