Bafana BafanaEzintsha

UBroos uveza okubuyisele uMudau ejimini kwiSundowns

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos useveze izingxoxo abe nazo noKhuliso Mudau, ezenze lo mdlali wasemuva weMamelodi Sundowns ukuthi abuyele ejimini.

Uthi umnxenxe nokuthi azame konke okusemandleni ukuthi asheshe axazulule ingxabano yakhe naleli qembu laseChloorkop.

UMudau ubedube ukujima kuleli qembu njengoba esaxazulula indaba yokwelulelwa inkontileka yakhe futhi kungathi abazwani kahle nekilabhu kulokho. 

Uze wabuyela ejimini kuleli sonto kodwa ushiywe ngaphandle eqenjini labadlali abangu-23 beqembu uBroos azodlala ngalo imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo.

UBroos ukuqinisekisile ukuthi uqale wakhuluma neSundowns kuqala ngaphambi kokuthi asondele kumdlali ngqo.

“Ngabuza iqembu ukuthi ngingasiza yini, bangivumela. Ngabe sengihlangana noKhuliso ngamtshela ukuthi nakuba eqinisile kwezinye izinto, ubengalungile kwezinye

“Ikakhulukazi ukuthi ayeke ukuziqeqesha,” kuchaza uBroos. Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ugcizelele ukuthi ukuduba ukujima akuyona indlela efanele.

“Awuyixazululi inkinga ngokungayi ejimini. Noma ngabe kukhona ukungaboni ngaso linye neqembu, ukuya ejimini kuyisibopho. 

“Ungamane udube ukudlala, kodwa kufanele uziqeqeshe,” kwengeza uBroos.

UMudau usebuyele ejimini, kanti uBroos enethemba lesixazululo esisheshayo odabeni lwakhe.

“UKhuliso ungumdlali wasemuva kwesokudla ohamba phambili eNingizimu Afrika futhi ungomunye wabadlali abahamba phambili e-Afrika. 

“Kunzima kimina ukumshiya ngaphandle, yingakho ngibone kuwumsebenzi wami ukuzama ukusiza ukuxazulula inkinga anayo,” kusho uBroos.

IBafana Bafana iqala umkhankaso wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho ngaphambi kokusingatha iNigeria ekuqaleni kukaSepthemba.