
U-Ouaddou nenselelo kwizingwazi zePirates ezimgxekayo
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usebonakala esekhathele ukuphawula kwabanye abantu ngeqembu lakhe.
Izingwazi zebhola laseNingizimu Afrika bezilokhu ziphawula ngendlela aphethe ngayo iPirates.
Zithi umjiko uwubuciko obuyingxenye yesiko lebhola lakuleli futhi akufanele ubulawe.
UTeboho Moloi ube ngowakamuva ukugxeka lo mbono ka-Ouaddou wokulwa nomjiko lo mqeqeshu awubize nge-‘showboating’.
UMoloi uthi abadlali kumele bafundiswe ukusebenzisa kahle umjiko, hhayi ukuvinjelwa ukuwusebenzisa.
U-Ouaddou yena uphendule ngokubamema ukuthi beze bazibonele ukuthi umsebenzi wokuqeqesha ulula yini.
“Uma sihlulwa umdlalo owodwa noma emibili, yibo abokuqala ukuphuma bathi umqeqeshi kumele axoshwe.
“Ngakho-ke lokho akulungile. Kumele beze bazosisiza,” kusho u-Ouaddou.
“Mina ngilapha ukuzosebenzela ibhola laseNingizimu Afrika futhi ngilapha ukuzowina izicoco.”
U-Abdeslam Ouaddou ugcizelele ukuthi yena uzokwenza i-Orlando Pirates inqobe izicoco futhi akazimisele ukugxeka ibhola laseNingizimu Afrika.
“Angizile ukuzokhuluma kabi ngebhola laseNingizimu Afrika. Ngiyalihlonipha isiko, ngiyalihlonipha izwe,” kwengeza yena.
Uthe ujabule ngokuba seNingizimu Afrika, futhi ukubonis alokho, useze wathutha nomndeni wakhe.
“Umkami ukhona, izingane zami zifunda lapha. Akumele sivumele laba bantu babulale umoya noma izifiso zomqeqeshi,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Lo mqeqeshi uthe izingwazi ezikhulumayo zingakwazi ukuza kwiPirates zizozibonela umsebenzi.
“Kulula ukukhuluma. Zingafika. Ngiyajabula ukuziletha lapha,” kuchaza yena.
“Izingwazi zingafika zizosebenza isonto elilodwa.
“Ngingazinika ithuba, ngizinike indawo ebhentshini, bese sibona ukuthi kulula yini kubo. Kodwa akumele bakhulume kanjalo.”
- FUNDA NALA | U-Ouaddou akawuvali ngoMokobodi
U-Abdeslam Ouaddou useke waveza ukuthi angancamela ukupakisha izimpahla zakhe ashiye kwi-Orlando Pirates kunokubona abadlali bebukisa enkundleni ngesikhathi amathuba okushaya amagoli engakhiwa.
Manje isimemo sakhe sesiphumele obala: ukukhuluma kulula, kodwa umsebenzi wasebhentshini wona uhlukile.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
