EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates isayine u‘Khuliso Mudau’ olaxaze iChiefs

I-Orlando Pirates seyiphinde yahlonza omunye umdlali osemncane obatshazwayo kanti imthathe ngemuva kokulaxaza iKaizer Chiefs.

AmaBhakabhaka ahlwithe buthule uVusisizwe Mtshali, yabe seyimfaka eqenjini layo lenkulisa elidlala kwiDStv Diski Challenge (DDC).

Nokho kuvela ukuthi lo mdlali wasemuva kwesokudla oneminyaka engu-18 ubudala angase anyuselwe eqenjii elikhulu ngesizini ezayo.

Ngaphambi kokuthathwa yiPirates, ubeyingxenye yeqembu lika-Under 19 leChiefs ngaphambi kokushiya phansi eNaturena ekuqaleni kwalo nyaka.

Ukusuka lapho ubesedlala kwiNida Sports Academy. Kulapho ebe esethola ithuba lokudlala kwiPirates Cup.

Futhi yilapho izinhloli ze-Orlando Pirates zihlabeke khona umxhwele ngaye, zabe sezimthatha zimfaka enkulisa yeqembu.

Ngokusho kwemenenja yakhe, uNimrod Mbhalati konke lokhu kuhambe ngokwezifiso zabo.

“Sakhe ithuba lokuthi abadlali bethu bazibonakalise. Lapho izinhloli zePirates zimbona, yonke into ivele yahamba ngendlela,”  uMbhalati ucashunwe esho kanje kwiGoal.

Ukuhlonza abadlali abasebancane kwe-Orlando Pirates akuwona ucilo ozishayisa endukwini. 

Leli qembu selivele liyaziwa muva nje ngokwethemba ithalente labadlali abasebancane – bese libaphendula izihlabani.

Abadlali abafana noRelebohile Mofokeng, Mbekezeli Mbokazi noMohau Nkota bawubufakazi bohlelo olusebenzayo. 

Leyo ndlela yiyona eyaheha ikhempu kaMtshali ize ihlela ukumbeka emehlweni ezinhlozi zayo.

“Leli yithuba elihla kumfana wethu. IPirates iyakholelwa kubadlali abasebancane,” kwengeza uMbhalati.

Nakuba amehlo esuke ebheke abadlali abanegama uma kusayinwa abadlali, i-Orlando Pirates yakha buthule izihlabani zakusasa.

UMtshali unconywa ngethalente lokukwazi ukumelana nenselelo uma ebhekene ngqo nenye insizwa, kanti uyalekelela noma kuhlaselwa.

Indlela adlala ngayo seyfaniswe neyenkunzi yeMamelodi Sundowns uKhuliso Mudau.