Bafana BafanaEzintsha

UBroos ucacisa eyokushintsha uYaya Sithole ‘obesindeka’

UYaya Sithole uphinde wabambisana noTeboho Mokoena maphakathi nenkundla kuo mdlalo wangoMsombuluko – njengoba bekwenzekile bebhekene ne-Angola ne-Egypt.

UBroos uthe uSithole ubesebenza kahle emuva kodwa wathwala kanzima ngesiwombe sokuqala ukusebenzisa amabhola uma esewatholile.

Lokhu kwenze iBafana ayangageleza ngendlela efanele uma ihlasela nokuphoqe lolu shintsho. 

Ubone ukuthi iBafana beyilahla amabhola kalula njengoba lo mdlali wasesiswini weCD Tondela ebedonsa kanzima.

UBathusi Aubaas ungene endaweni yakhe ngesikhathi sekhefu, futhi wafika nozinzo esiswini.

“UYaya, ubenza kahle emuva kodwa uma esephethe ibhola, ubelilahla amahladla amaningi ngamaphasi amabi,” kusho uBroos ngemuva komdlalo.

“Cishe ngaso sonke isikhathi lapho ephethe ibhola, beligcina liphelele kwimbangi, bese kufanele senze okuthile.

“Sekukhona uBathusi esiwombeni sesibili, bekungcono. Besiliphethe ibhola, siphasa kangcono sabe sesidlala kangcono.

“Futhi, sizifake enkingeni futhi lokhu kuyinto okufanele iyeke ukwenzeka ukuya phambili.”

IBafana izibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo iphumisana ne-Egypt kuGroup B kanti manje isilinde ukuthola ukuthi izobhekana nobani esigabeni samaqoqo.