
Okwenza uMokwena abone uNabi eza nayo kahle iChiefs
URulani Mokwena uthi uNasreddine Nabi ufanelwe ukuqhubeka nomsebenzi wakhe kwiKaizer Chiefs njengoba eseqale uhlelo lokuvuselela leli qembu.
Lo mqeqeshi oke wasebenza kwiMamelodi Sundowns neWydad Athletic phambilini, ukusho lokhu engxoxweni abe nayo neMarawa Sports Worldwide ngoMsombuluko.
Ubuyele kuleli ngemuva kokwehlukana ngokusemthethweni neWydad emasontweni edlule kanti kusukela lapho umataniswa namaqembu ehlukene.
Emqenjini uRulani Mokwena amataniswa nawo kukhona neChiefs njengoba kuthiwa ikusasa likaNasreddine Nabi kuyo aliqinisekisiwe nje.
Kodwa uMokwena uthe yena uyabahlonipha abanye abaqeqeshi, ngakho ngeye ayibale ibe isenomqeqeshi okhona.
Ngale kwalokho, uRulani Mokwena uthe ubona uNasreddine Nabi eza nayo ngolayini iChiefs, futhi usazoyenza ngcono kakhulu.
“Ngeke kube yiKaizer Chiefs ngoba ivele inomqeqeshi wayo,” kuphendula uMokwena.
“Inomqeqeshi. Futhi ngiyabahlonipha mina ozakwethu, ngakho-ke angikwazi ukukhuluma ngomsebenzi uma bekhona.
“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi uNabi… Ngizokusho lokhu ngoba sengike ngabuka… bengilikhumbule ibhola laseNingizimu Afrika futhi selokhu ngibuyile ngilibukile.
“Sengiqedile ukubuka yonke imidlalo yeNedbank Cup futhi kumele ngisho ukuthi ngihlabeke umxhwele ngendlela iChiefs eqhubeke yaze yayinqoba ngayo.”
URulani Mokwena uthe ukuthi uNasreddine Nabi uyihambe yonke indlela kwiNedbank Cup kusho ukuthi kukhona akwenza kahle.
Uhambo lweChiefs kulo mqhudelwano belungelula njengoba ibhekane nawo wonke amaqembu asefomini – iMamelodi Sundowns, iStellenbosch FC ne-Orlando Pirates – endleleni ebheke enkazimulweni.
“Bashaye iStellenbosch, bashaya iSundowns, bashaya iPirates ngesikhathi kunomsindo omkhulu nokungabaza ngomqeqeshi.
“Futhi ukwenza lokho akulula neze. Yebo leli yiqembu elikhulu elinengcindezi yokwenza kahle nakwiligi.
“Kodwa ngicabanga ukuthi ukwenza kahle kwiNedbank Cup nokuletha isicoco sokuqala – ngendlela abakwenze ngayo – behlula amaqembu amakhulu, kubalulekile.
“Ngicabanga ukuthi umqeqeshi uNabi ufanelwe ukunconywa. Ngezinye izikhathi njengabaqeqeshi siyakudinga lokho, sidinga ukunconywa uma kusifanele.
“Nomqeqeshi uNabi usewuqalile umsebenzi futhi udinga ukunikwa ithuba lokuqhubeka nokuvusa iKaizer Chiefs.”
