Ezintsha

UBradley Carnell ufuna owaseMzansi azomjoyina kweleMLS

Lo mqeqeshi wePhiladelphia Union kuvela ukuthi usecele abaphathi beqembu ukuthi bamlandele u-Abraham Mongoya ocija i-Upington City njengamanje ukuba azoba yiphini lakhe.

UBradley Carnell, oneminyaka engu-48 ubudala, ungene esikhundleni sokuhola iPhiladelphia ngoJanuwari, kanti leli yiqembu lakhe lesibili e-US. 

Ukhombisa ukulithanda ngempela ithalente laseNingizimu Afrika – phakathi enkundleni nangaphandle.

Ngesikhathi ecija iSt. Louis, usayine uNjabulo Blom owayekade ekwiKaizer Chiefs. KwiPhiladelphia, uvele uno-Olwethu Makhanya eqenjini lakhe.

Futhi manje iSportsWire ibika ukuthi izingxoxo phakathi kwePhiladelphia ne-Upington City zizoqala ngoLwesibili. 

Uma ziba yimpumelelo, uMongoya angajoyina leli qembu eliphambili kwiMLS ngaphambi komdlalo walo neNew York City ngeSonto eSubaru Park.

UMongoya ungumqeqeshi omatasa. Njengamanje ungumqeqeshi oyinhloko weBafana Ba Gucci kwiMotsepe Foundation Championship.

Uphinde abe yiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe laseLesotho, iLikuena. Nokho lokhu kuke kwamfana enkingeni ne-Upington City.

IPhiladelphia yiyo ezihola phambili kwi-Eastern Conference ngamaphuzu angu-63 emidlalweni engu-32, kanti ishiya iCincinnati esendaweni yesibili ngamaphuzu amane.