
UBobby uchaza indlela entsha yokuhlonza abadlali kwiChiefs
Umphathi webhola kwiKaizer Chiefs uBobby Motaung uthi leli qembu seliyishintshile indlela yalo yakudala yokuhlonza abadlali.
Uvumile ukuthi ukuhlonza nokusayinisa abadlali akusewona umsebenzi womuntu oyedwa.
Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide, uMotaung ukhumbule izinsuku lapho iKaizer Chiefs yayaziwa ngokulanda abadlali abasezingeni eliphezulu emazweni angomakhelwane.
Yayivame ukuthola abadlali mahhala noma ngemali encane, kulokho abalandeli abaningi abakubiza ngokuthi yinkathi ye”Buy one, Get one Free”.
Le ndlela yaletha izingwazi ezifana noTinashe Nengomasha, uKnowledge Musona, noCollins Mbesuma — abasiza iqembu lanqoba izindebe eziningi.
Nokho uMotaung uthi ibhola nendlela eliphethwe ngayo seyijike kakhulu manje.
IKaizer Chiefs manje isisebenza nethimba labaqeqeshi, nohlaka lwabaphathi okwenza ukuhlonza abadlali kube yisinqumo senhlanganisela.
Kudinga imibono evela kumqeqeshi, umqondisi wezemidlalo uKaizer Motaung Jr., abahlaziyi, nezinhloli.
“Kukhona umqondisi wezemidlalo. Uma ngingakhulumi, uyakhuluma. Uma uqeqeshi engakhulumi, kukhuluma iphini lakhe,” kusho uMotaung.
“Akuseyena uBobby ovele asukeleke aye ehlathini engaphethe lutho ngaphandle kweso elibukhali bese ebuya nomdlali.
“Akuselula kanjalo. Kukhona ubuchwepheshe, kusetshenziswa izibalo, nokuvumelana.”
Wengeze ngokuthi izinqumo manje sezisekelwa izibalo, okuhlanganisa ukuthi umdlali ugijima ibanga elingakanani, ukuqina, nokunye.
“Ngisho nomqeqeshi ucela abahlaziyi ukuthi bahlole umdlali. Ukuqashwa kushintshile.
“Akuyena uBobby, uDoctor Khumalo noma u-Ace Khuse abavele baye ehlathini babuye nomdlali,” kusho yena.
Naphezu kokushiya umsebenzi wokuhlonza abadlali ngokwakhe, uMotaung ugcizelela ukuthi useyingxenye yenqubo.
IKaizer Chiefs kubhekwe ukuthi iqinise isikwati sayo ngabadlali abanohlonzo njengoba ilungiselela isizini ezoba matasa nje.
