Carling Knockout CupEzintsha

Asephinde aphela amathikithi oweChiefs neDowns

Okwesibili esikhathini esingaphezu kancane kwenyanga, iKaizer Chiefs izophinde yamukele iMamelodi Sundowns enkundleni egcwele phama eFNB Stadium. 

Lamaqembu agcine ukudlala ngoSepthemba 28 kule nkundla emdlalweni weligi kanti amathikithi alowo mdlalo adayiswa aphela wonke.

Lowo mdlalo waphela ngo 2-1 kunqoba iSundowns kodwa iChiefs yasala ingenelisekile, ikhala ngokubanjwa ngophondo ngunompempe. 

Kuthe sekuqhathwa amaqembu azodlala esigabeni sesibili seCarling Knockout, Amakhosi aphinde aqhathwa neSundowns kanti umdlalo ubuyela khona eFNB Stadium. 

Nakulo mdlalo, ozoba ngoMgqibelo kuzogcwala phama njengoba amathikithi awo esedayiswe aphela wonke kusasele usuku ngaphambi komdlalo. 

Iqinisekisa ukuphela kwamathikithi alo mdlalo, iPremier Soccer League (PSL) inxenxe abalandeli ukuthi basheshe bafike enkundleni.

“Amathikithi omdlalo weCarling Knockout phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns asedayiswe wonke,” isho kanje iPSL esitatimendeni ngoLwesihlanu ekuseni. 

“Amasango azovulwa ngo-3 ntambama futhi abathenge amathikithi bayacelwa ukuthi basheshe bafike ukuqinisekisa ukungena kalula enkundleni.” 

Lo mdlalo, osubhekwe ngabomvu, uhlelelwe ukuqala ngo-6 ntambama kanti kuyolalwa kukhona odangele phakathi kwabalandeli bawo womabili amaqembu. 

Selokhu kuqale le sizini, iChiefs idlala ezinkundleni ezigcwele, okuyinto encomekayo nekade yagcina ukwenzeka ebholeni lakuleli.