
UNabi ukhuza ihaba eselenziwa ngeChiefs ‘asayipheka’
- Sibongiseni GUMBI
UNasreddine Nabi, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, ubona abezindaba bemfakela ingcindezi engenasidingo ngokuncoma ukudla akuphekayo kungakavuthwa.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia, kodwa onobuzwe naseBelgium, ufike kwaba nezinguquko ezinhle ezibonakalayo kwiChiefs.
Iyabonakala into aphezu kwayo, kodwa akafuni kube sekunconywa kakhulu ngoba usola ukuthi lokho kuzomqhatha nabalandeli.
“Umsebenzi esiwenzayo unezigaba eziningi kodwa kunabathile bezindaba asebezama ukuveza iKaizer Chiefs njengeqembu elilwela izindebe noma iligi.
“Akunjalo, kodwa esikwenzayo wukuthi sidlalela ukuthola imiphumela emihle,” kusho uNabi kwabezindaba kuleli sonto.
“Khona kukhona okwenzekayo. Sekuphele iminyaka yishumi kungekho ndebe kwiKaizer Chiefs…
“Isizini edlule ibe yimbi ukwedlula wonke amanye emlandweni weKaizer Chiefs njengoba iqede endaweni yeshumi.
“Lokho kwenza kube nesidingo sohlelo lwesikhathi eside lokubuyisela iKaizer Chiefs kulento bonke abantu abafuna ukuthi ibe yiyo.
“Ukubuyela ekubeni yiqembu eliphezulu kwilogi, elilwela zonke izindebe.
“Kodwa okwamanje kunezigaba okumele sizilandele ngokucophelela ngalokhu esizama ukukwenza ngeKaizer Chiefs.”
Uthe abafuni ukuthi kube nokungahambisani phakathi kwabo nabalandeli ngokuthi kube khona osephambili kunomunye.
“Asifuni ukuthi kugcine sekunomsindo nokungazwani phakathi kwethu nabalandeli bethu,” kuqhuba uNabi.
“Kodwa siyabathembisa ukuthi sizokwenza konke okufanele ukuthi sifike ezingeni eliphezulu ngokushesha.
“Yingakho sikhuza labo kwabezindaba abafuna ukufaka umoya kubalandeli wokuthi sesiyiqembu elisembangweni wesicoco seligi noma sendebe.
“Uma ubheka la sivela khona noma la sibheke khona, akukakabi njalo,” kphetha uNabi.
