Caf Champions LeagueEzintsha

OwePyramids bekuthi akazisacaze phansi egilwa yiVAR  

Umqeqeshi we-Pyramids FC, uKrunoslav Jurcic, usale kuthi akazisakaze phansi ngemuva kokuthi i-VAR imdicilele phansi ngokwenza umsebenzi wayo ngendlela. 

Leli qembu lase-Egypt lishaye amagoli amabili kodwa womabili achithwa ngemuva kokuhlolwa nge-VAR.

Lokhu kwenzeke emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weCaf Champions League ibhekene ne-Orlando Pirates.

Umlenze wokuqala ubuseFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku. Umdlalo uphele ngo 0-0, kodwa iPyramids iphume ingenelisekile.

UFiston Mayele ubecabanga ukuthi ubeke i-Pyramids ebuhleni ngesiwombe sokuqala.

Nokho, i-VAR yamnquma ukuthi ubesendaweni engamfanele.

Ngesiwombe sesibili uSodiq Awujoola ushaye inethi. Kodwa i-VAR yaphinde yangenelela, kulokhu kwathiwa ibhola lishayise esandleni.

UKrunoslav Jurcic ukhulume neSABC Sport ngemuva komdlalo, waveza ukukhungatheka kwakhe.

“Ngiyaziqhenya kakhulu. Sidlale umdlalo omuhle kakhulu. Sishaye amagoli amabili,” kusho uJurcic.

 “Kimina, siwine ngo 2-0. Ngiyayithanda i-Afrika, kodwa hhayi ngale ndlela…”

Umqeqeshi uncome umzamo wabadlali bakhe kanye namathuba abawakhile.

“Sibe namathuba amaningi amahle. Kunzima ukukhuluma manje. Ngikhungathekile kancane,” kuvuma yena.

Naphezu kokudumala, uJurcic usahlalele ethembeni lokuthi bazokwenza kangcono emlenzeni wesibili.

“Ibhola linjena ke kwesinye isikhathi. Kwesinye isikhathi uyawashaya amagoli, kwesinye ungawatholi nhlobo,” kuqhuba uKrunoslav Jurcic.

“Kodwa ngenelisekile ngokusebenza kwabadlali bami namuhla.”

IPyramids yoyona ebe namathuba angcono kulo mdlalo obuyesinda iPirates.

Kodwa amagoli achithwe yiVAR ayivimbile ekutheni izibeke ethubeni elingcono ngaphambi komdlalo wasekhaya.

Umdlalo womlenze wesibili uzodlalwa ngoLwesihlanu oluzayo e-30 June Stadium e-Egypt. 

Ozonqoba kuwo uzobe esedlulela kowamanqamu weCaf Champions League.

IPyramids manje azobheka ukuqeda umsebenzi ekhaya. 

I-Orlando Pirates iqhubekile nerekhodi layo elihle njenngoba ingakahlulwa kulo mqhudelwano kule sizini.

UKrunoslav Jurcic uzothemba ukuthi iqembu lakhe lizowasebenzisa kangcono amathuba futhi ligweme ukuvinjelwa yi-VAR emlenzeni wesibili.

Lo mdlalo owandulela owamanqamu usavulelekile, futhi noma yiliphi phakathi kwalamaqembu lisenethuba lokuwunqoba.