
Ingwazi yeChiefs ishiye engalazi ngoNasreddine Nabi
Owayengumgadli weKaizer Chiefs, uFees Moloi, useveze isiphakamiso sinhala ngomqeqeshi waleli qembu, uNasreddine Nabi.
Ngokubona kwale ngwazi, ukube lo mqeqeshi ngowalapha eNingizimu Afrika, ngabe ibhantshi kudala ligcwale umoya.
Ngokusho kwalo mgadli osewathatha umhlalaphansi, uMolefi Ntseki no-Arthur Zwane bangabaqeqeshi abangcono kunoNasreddine Nabi.
Lo mqeqeshi waseTunisia ujoyine Amakhosi ngemuva kokwenza kahle nezinkunzi zaseTanzania, iYoung Africans nezaseMorocco i-AS FAR Rabat.
UFees Moloi ukugxekile ukukhetha kukaNasreddine Nabi iqembu aqala ngalo imidlalo.
“Mina ngincamela uBrandon Peterson epalini ngoba irekhodi likaBruce Bvuma kule sizini alimvumeli ukuthi aqale imidlalo,” kusho uMoloi kwiKickOff.
“Ebholeni uma ungawenzi kahle umsebenzi wakho, ubekwa eceleni.
“Kodwa ngisola umqeqeshi ngalokhu. Ukhona nje ongangitshela ukuthi kungani uNabi esekwiKaizer Chiefs?
“Uma ukwazi ubheka irekhodi lakhe manje, uzobona ukuthi wenze kabi ukwedlula bobabili u-Arthur Zwane noMolefi Ntseki.
“Iqembu kumele lichaze ukuthi kungani lisamgcinile uma ehluleka kanje.”
UFees Moloi uphinde wazwakalisa ukungenami ngendlela uNasreddine Nabi abaqoke ngayo ithimba elimsizayo, eshiya ngaphandle abaqeqeshi bakuleli.
“Ngeke uvele uyoqeqesha kwelinye izwe ungafaki muntu wakulelo zwe ethimbeni lakho,” kwengeza le nkakha.
UMoloi uthi leli qembu kumele liqoke omunye wezingwazi zaMakhosi ukuthi ajoyine ithimba likaNabi.
Uthe njengamanje abadlali beChiefs bayabonakala ukuthi bayamsaba lo mqeqeshi wabo.
“UNabi ufike namaphini akhe nomunye imhumushelayo, futhi laba bafana (abadlali) bayamesaba.
“Ngisho noma ekhuluma kunzima ukuhlanganisa akushoyo,” kuqhuba uMoloi.
“Kufanele babeke omunye wezingwazi zeChiefs ebhentshini, umuntu ozokwazi ukukhuluma kahle nalaba bafana bamuzwe.
“Umuntu ozobaduduza lapho uNabi ethetha noma ebalwisa.
“Ukuhlonipha nokwesaba umuntu yizinto ezimbili ezihlukene.”
UNabi ufike kuleli qembu nje ubethwelwe ngeqoma ikakhulukazi ngabalandeli.
Balwela ukuthi kuxoshwe uNtseki noCavin Johnson ngoba befuna kulandwe yena.
“Manje nabalandeli abakwazi ukucela ukuxoshwa kukaNabi ngoba yibona abaphoqe iqembu ukuthi limqashe,” kuqhuba uMoloi.
“Kodwa ukube uNabi ubengowalapha eNingizimu Afrika, ngabe kudala akhonjwa indlela.
“Lokho kufakazela ukuthi akekho osithathela phezulu njengabaqeqeshi bakuleli.”
