EzintshaOrlando Pirates

Kuvela isizathu esithuthise iPirates e-Orlando Stadium

Lolu shintsho luqinisekiswe yiCaf futhi isizathu sokushintshwa kwenkundla sesidaluliwe. 

Lezi zinkunzi zaseSoweto zizokwamukela leli qembu lase-Egypt ngoLwesihlanu luka-Ephreli 18. 

Zizibekisele indawo kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano ohlonishwayo ngokuhlula iqembu lase-Algeria iMC Alger ngo 1-0 sekuhlanganiswe imiphumela.

IBucs yanqoba ngo 1-0 eStade du 5 Juillet 1962 e-Algiers ngegoli likaMohau Nkota. 

Ukudlala ngokulingana ngoLwesithathu eSgodini kuqinisekise ukuthi iPirates idlulela phambili ukuyobhekana nePyramids.

I-Orlando Pirates idlale yonke imidlalo yayo yasekhaya yeCaf e-Orlando Stadium kanti bekulindeleke nalo wePyramids ube kuyo le nkundla. 

Izobe isekhaya emlenzeni wokuqala ngaphambi kokuthi iye eCairo lapho ngo-Ephreli 25.

Nokho umdlalo wasekhaya ngeke ube eSgodini njengoba le ndawo ihlelelwe ukusingatha umcimbi ohlukile ngayo leyo mpelasonto.

IGrace Bible Church, okuyisonto elikhulu elidumile elizinze eSoweto, izosingatha ingqungquthela yePhasika yezinsuku ezintathu eSgodini. 

Umcimbi, ozoqala ngoLwesihlanu, luka-Ephreli 18, kuze kube yiSonto, lika-Ephreli 20, kanti uzoqondana nomdlalo weBucs nePyramids. 

Ngenxa yalokhu, iBucs izosebenzisa iFNB Stadium kulo mdlalo, njengoba ingqungquthela ibisivele ibhukheliiwe le nkundla ngaphambi kokuqinisekiswa komdlalo.

I-FNB Stadium iphethwe yiStadium Management South Africa, okuyinkampani ephethe ne-Orlando Stadium.

Nokho amaBhakabhaka azosebenzisa le nkundla yawo ngeSonto lapho ezosingatha khona iMarumo Gallants kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup.