EzintshaKaizer Chiefs

‘Ubengagunyaziwe’ uKaze ngezibalo zeKaizer Chiefs 

Umlabalaba odlalwa ngaphakathi kwiKaizer Chiefs ujike ngendlela exakile kuleli sonto. 

Umqeqeshi uCedric Kaze kubikwa ukuthi weqe abaqashi bakhe ngokwethula izibalo ezigcine zisematheni.

Abangaphakathi sebedalule ukuthi abaphathi bekilabhu abazange bakugunyaze ukukhishwa kwalezi zibalo zeqembu esidlangalaleni. 

Lesi senzo sikaKaze sokukhipha ibhodi elinezibalo zeqembu asizange sixoxwe noma sigunyazwe abaphathi beKaizer Chiefs.

Okumangazayo ukuthi lo bekungahleliwe ukuthi lo mqeqeshi nguye ozokhuluma esithangamini sabezindaba.

Isethulo sikaKaze silandele umbhikisho oshubile wabalandeli obubheke eNaturana ngempelasonto edlule. 

Abalandeli bebemashele ekomkhulu le kilabhu befuna ukuthi uKaze nozakwabo uKhalil Ben Youssef baxoshwe ngokushesha. 

Lo mqeqeshi ugcizelele ukuthi inhloso yesenzo sakhe bekuwukukhombisa ukuthi iqembu lisendleleni efanele.

“Umlayezo engizama ukuwudlulisa ukuthi leli qembu lisebenza kahle,” kuchaza uKaze. 

“Mhlawumbe kwesinye isikhathi asiwashayi amagoli amaningi ngendlela esifisa ngayo.

“Kodwa izibalo zikhombisa ukuthi indlela iqembu elikuyo iyona efanele.

“Nokho-ke ngiyavuma ukuthi imiphumela iyona ebaluleke kakhulu ebholeni.” 

Uthe ukube iqembu belingawakhi amathuba, ubezokuqonda ukukhungatheka okukhona.

“Ukwenza isibonelo nje, ukube besingalikhahleleli ipali amahlandla amahlanu noma ayisithupha umdlalo ngamunye… 

“Bengingeke ngicabange ukuthi ngizothola umphumela omuhle.

“Ngiyazi futhi abadlali nabo bayazi ukuthi kufanele basebenzise lawo mathuba, futhi badinga ukuthola umphumela.

“Kodwa kuqala ngokwakha amathuba… bese imiphumela iyalandela.” 

Manje sekubhekwe ngabomvu ukuthi ingabe ikilabhu izomthathela yini izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe lo somaqhinga waseBurundi. 

Ngenkathi uKaze egxile ezibalweni, abalandeli basagxile ekuhlulweni kweqembu emidlalweni emine edlule.

UKaze nokho uvumile ukuthi imiphumela iyona ehamba phambili ebholeni. 

Ukholwa ukuthi ukusebenzisa lamathuba abawakhayo abe amagoli yikhona okuzoqeda konke ukungabaza okukhona. 

Kodwa-ke, isinqumo sakhe “sokuzenzela ngendlela yakhe” sesidale amahlebezi okuthi kuningi okungahambi kahle kule kilabhu.

UKaze ngokwakhe ulwela ukugcina umsebenzi wakhe eNaturena ngokusebenzisa izibalo.

Nokho ukungahambisani kwakhe nabaphathi beKaizer Chiefs kuphakamisa ukungezwani okukhulayo kuleli qembu. 

Wonke amehlo azobe ekulaba baqeqeshi ngeSonto uma iChiefs seyivakashelwe yiDurban City eFNB Stadium.