EzintshaKaizer Chiefs

Kucaciswa ekaSirino ‘oxhuga kupholile’ kwiChiefs

Ukungabi bikho kukaGaston Sirino emidlalweni yakamuva yeKaizer Chiefs kususe izinkulumo. 

Lo mdlali wasesiswini odabuka e-Uruguay uphuthelwe yimidlalo yeBetway Premiership Amakhosi ebhekene neTS Galaxy neChippa United. 

Wagcina ukubonakala ngoDisemba 8 behlulwa ngo 2-0 yiPolokwane City, lapho asheshe wakhishwa khona.

USirino ubebalulekile kuMakhosi ekuqaleni kwesizini. Ushaye amagoli amabili, wakhela ozakwabo amane emidlalweni eyisishiyagalombili yokuqala. 

Usize iChiefs ukuthi inqobe imidlalo yayo yokuqala. Nokho ukubandakanyeka kwakhe kunciphile kusukela ngekhefu leFifa langoNovemba.

Imibiko iqale yaphakamisa ukuthi uSirino “uxhuga kupholile” ngoba enqena ukuzicija neqembu. 

Kodwa-ke, i-FARPost isiveze ukuthi uphuke ubambo bebhekene nePolokwane City ngemuva kokuwa kabi. 

Ukululama ekulimaleni okunjalo kungathatha amasonto ayisithupha, noma ngaphezulu kuye ngokuthi usabela kanjani ekwelashweni kwakhe.

Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala uzophuthelwa yimidlalo ezayo, okuhlanganisa noweCape Town City, oweStellenbosch FC, noweGolden Arrows. 

Kusangabazeka nokuthi uzobe esebuyile yini uma sebedlala neSekhukhune United ngasekupheleni kukaJanuwari.