
UBartlett usola umgolo kwiSpurs ngabasayinwe yiChiefs
Ngu-Alfred Ngubane
Ingwazi yebhola lakuleli esengumqeqeshi nomhlaziyi, uShaun Bartlett isisole iCape Town Spurs ngomgolo ngokuvimbela abadlali ukuhqubeka nempilo ngemuva kokudliwa kwayo yizembe.
Leli qembu lidliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule labe selishiywa yinqwaba yabadlali.
Phakathi kwabadlali abashiyile ngoLuke Bartaman no-Asanele Velebayi abajoyine iKaizer Chiefs kodwa abangakakwazi ukudlala njengoba kusenecala eliqhubekayo ngesimo sabo.
Manje uShaun Bartlett useveze umbono wakhe ngalesi simo, egxeka iCape Town Spurs ngokuma endleleni yalaba badlali.
“Kuyangixaka mina lokhu ukuthi yini belokhu begqigqa izinkantolo ngalaba badlali.
“Manje bacabanga ukuthi bona bangaphezulu kunemithetho yebhola ekhona?,” kusho uBartlett.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Ngokwemithethi yePSL, uma iqembu lidliwe yizembe ezigabeni zebhola elikhokhelayo, selidlala kwezeSafa, izinkontileka ebelinazo nabadlali ziyaphela.
“Noma bengahamba baze bafike kwiFifa nakwiCas (Court of Arbitration for Sport) – lizobakhahlela leli cala,” kuqhuba uBartlett.
“Kumanje ngabe balungisa isimo seqembu njengoba kuzoqala imidlalo ye-ABC Motsepe League eWestern Cape nje.
“Ngibona kungeke kubasize ngalutho lokhu kugqigqa izinkantolo ngoba kudala umonakalo omkhulu wenzeka eqenjini.”
Khonamanjalo, umehluleli oqokwe yiSafa kulolu daba ulalele izethulo ngalo kuleli sonto – ezivela kwiCape Town Spurs nabamele abadlali.
FUNDA NALA | UMaema uveza ukuthi uDavids wayemfuna kwiBucs
Sekulindeleke ukuthi akhiphe isinqumo esizocacisa ukuthi ngabe iChiefs ivumelekile yini ukuqhubeka nokubasebenzisa laba badlali.
