
UTso Vilakazi uyamngabaza u-Ouaddou kodwa ufuna asekwe
Umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou ulungiselela ukuqala umsebenzi wakhe ngokusemthethweni ekupheleni kwesonto.
Ingwazi yeqembu uBenedict ‘Tso’ Vilakazi useveze imicabango yakhe— wanxusa abalandeli ukuthi bameseke lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
Kodwa yize kunjalo, uveze ukungeneliseki kwakhe ngaye, waveza izinto ezingase zibe yizihibe kuye.
Ekhuluma neSoccer Laduma, uTso Vilakazi uvumile ukuthi akamethembi ngokugcwele u-Ouaddou njengomqeqeshi ongasa lezi zinkunzi zaseSoweto ezingeni elilandelayo.
“Uma ngikhuluma iqiniso nje, anginaso isiqiniseko ngokuphelele ukuthi ungumqeqeshi ongakhuphula iPirates iye kwelinye izinga,” kusho uVilakazi.
“Angingabazi ikhono lakhe noma iziqu zakhe. Ukhombisile angakwenza ikakhulukazi ngesikhathi esincane abe naso kwiMarumo Gallants.
“Kodwa iPirates yisilwane esihlukile. Ingcindezi inkulu, okulindelwe kuye kukhulu kanti nomthwalo usinda ngokweqile.”
Lo mdlali wasesiswini wakudala wePirates ukholwa ukuthi ingcindezi yokuqeqesha elinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika kuzoba isivivinyo sangempela ku-Ouaddou.
“Awugcini nje ngokuqeqesha iqembu, wengamele ifa elikhulu,” kwengeza uTso Vilakazi.
“Usebenza ngabadlali abangabadlali beqembu lesizwe, nabalandeli abafuna izindebe isizini nesizini.”
Noma kunjalo, uTso Vilakazi ubuye wengeza ngokuthi u-Ouaddou ufanelwe ukwesekwa, nokubekezelelwa ngabalandeli.
“Kufanele simnike ithuba, njengoba senza nakubaqeqeshi abangaphambi kwakhe,” kwengeza uVilakazi.
“Udinga ukwesekwa — yikilabhu, abadlali, ikakhulukazi abalandeli. Ukuqeqesha iPirates akuwona umdlalo wezingane.
“Kudingeka okungaphezu kwamaqhinga okudlala – kufuneka ukwazi ukuphatha abadlali abayizihlabani.”
U-Ouaddou ungena esikhundleni sikaJose Riveiro, onqobe izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu ngaphambi kokudlulela kwi-Al Ahly.
Lo mqeqeshi waseMorocco kulindeleke ukuthi ayibambe ishisa zisuka nje njengoba iPirates amalungiselelo esizini ngoJuni 27.
